Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 5:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Umlomo wakhe umnandi; yebo, uthandeka ngokuphelele. Lo ungothandiweyo wami, lo ngumngane wami, madodakazi aseJerusalema.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Umlomo wakhe umnandi, uyanxaneleka wonke; yilowo ongothandiweyo wami, yilowo ongumngane wami, nina madodakazi aseJerusalema.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Okuphuma emlonyeni wakhe kumnandi, konke ayikho kuyanxaneleka. Yilowo othandiweyo wami, yilowo-ke ongumngani wami, madodakazi aseJerusalema.

Gade chapit la Kopi




IsiHlabelelo seziHlabelelo 5:16
24 Referans Kwoze  

Umuhle ngaphezu kwabantwana babantu; umusa uthululiwe ezindebeni zakho; ngalokho uNkulunkulu ukubusisile kuze kube phakade.


Ulwanga lwakho luthandeka kimi njengewayini elimnandi, elehla kamnandi, lenza izindebe zabaleleyo zikhulume.


Ziphingi neziphingi, anazi yini ukuthi ubungane bezwe bungubutha kuNkulunkulu? ngakho loba ngubani othanda ukuba ngumngane welizwe uyisitha sikaNkulunkulu.


Kwase kugcwaliseka umbhalo othi: U-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga, wabizwa ngokuthi uMngane kaNkulunkulu.


Yebo, impela, konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi uKristu Jesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi, ukuze ngizuze uKristu;


Ngibethelwe kanye noKristu, nokho ngiyaphila; nokho akumina, kodwa uKristu uphila kimi, nokuphila engikuphila manje enyameni ngikuphila ngokukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.


Wayesethi uJehova kimi: “Hamba, uthande owesifazane othanda umngane wakhe, kepha oyisiphingi, njengokuthanda kukaJehova kubantwana bakwa-Israyeli, ababheka abanye onkulunkulu nabathanda imigodla yewayini.


Amazwi akho afunyanwa, ngawadla; izwi lakho laba yintokozo kimi nentokozo yenhliziyo yami, ngokuba igama lakho labizwa phezu kwami, Jehova Nkulunkulu Sebawoti.


Impela, njengokungathi umfazi eshiya umyeni wakhe ngokungathembeki, kanjalo nenzé ubuphambeko kimi nina ndlu ka-Israyeli,” usho uJehova.


Mina ngingowothandiweyo wami, nothandiweyo wami ungowami; udla ngaphansi kweminduze.


Othandiweyo wami ungowami, mina ngingowakhe; udla ngaphansi kweminduze.


Njengomapula phakathi kwemithi yehlathi, unjalo othandiweyo wami phakathi kwamadodana. Ngahlala phansi emthunzini wawo ngokujabula okukhulu, nesithelo sawo sasimnandi emlonyeni wami.


Ngiyimbali yaseSharoni nomnduze wezigodi.


Bheka, umuhle, sithandwa sami, yebo, muhle; umbhede wethu nawo uluhlaza.


Makangange ngokwanga komlomo wakhe, ngokuba uthando lwakho lungcono kunewayini.


Mabadumise igama likaJehova, ngokuba igama lakhe lodwa likhulu; inkazimulo yakhe iphezu komhlaba nezulu.


Amnandi kangakanani amazwi akho emlonyeni wami! yebo, imnandi kunezinyosi emlonyeni wami.


Ngoba ngubani ezulwini ongalinganiswa loJehova? Ngubani phakathi kwamadodana anamandla ongalinganiswa noJehova na?


Kuyathandeka kunegolide, yebo, kunegolide elicwengekileyo; futhi imnandi kunezinyosi namakhekheba.


OSawule noJonathani babebahle, bethandeka ekuphileni kwabo, nasekufeni kwabo abahlukananga; babenejubane kunezinkozi, babenamandla kunezingonyama.


Ngimnyama, kepha ngimuhle, madodakazi aseJerusalema, njengamatende akwaKedari, njengezilenge zikaSolomoni.


Izindebe zakho zinjengomucu obomvu, nokukhuluma kwakho kuhle; amathempeli akho anjengocezu lwehalananda phakathi kwezihluthulelo zakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite