Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

15 umthombo wamasimu, umthombo wamanzi aphilayo, nemifudlana evela eLebanoni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Siphethu sensimu, mthombo wamanzi aphilayo, sifufula saseLebanoni!

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Isiphethu sezivande, umthombo wamanzi aphilayo, ogeleza uvela eLebhanoni!

Gade chapit la Kopi




IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:15
15 Referans Kwoze  

UJesu waphendula wathi kuye: Uba ubusazi isipho sikaNkulunkulu, lokuthi ngubani othi kuwe: Nginathisa; ubuyakucela kuye, yena ubeyakukunika amanzi aphilayo.


Okholwa yimi, njengokusho kombhalo, kugobhoza esiswini sakhe imifula yamanzi aphilayo.


Kepha lowo ophuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kodwa amanzi engizamnika wona azakuba kuye umthombo wamanzi aphuphumayo empilweni elaphakade.


Ngokuba abantu bami benzile okubi okubili; bangishiyile mina, mthombo wamanzi aphilayo, bazimbele imithombo, imithombo eqhekekileyo, engagcini manzi.


Yangikhombisa umfula wamanzi okuphila ucwebezela njengekristalu, uphuma esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.


Jehova, themba lika-Israyeli, bonke abakushiyayo bayakuba namahloni, nabasuka kimi bayakulotshwa emhlabeni, ngokuba beshiyile uJehova, umthombo wamanzi aphilayo.


Uvalelwe ensimini udadewethu, makoti wami; valani umthombo, valani umthombo.


Ngazenzela amachibi amanzi okunisela izinkuni ezithela imithi.


Kukhona umfula, imifudlana yawo ethokozisa umuzi kaNkulunkulu, indlu engcwele yamatabernakele oPhezukonke.


Imithombo yakho mayihlakazeke, nemifudlana yamanzi ezitaladini.


Mawubusiswe umthombo wakho, ujabule ngomfazi wobusha bakho.


UJehova uyakukuhola njalo, asuthise umphefumulo wakho endaweni yokomisa, akhuluphalise amathambo akho; futhi uyoba njengensimu eniselwayo nanjengomthombo omanzi awo anganqamuki.


Ngalolo suku amanzi aphilayo ayakuphuma eJerusalema; ingxenye yawo ngaselwandle lwangaphambili nengxenye yawo ngaselwandle lwasemuva; ehlobo nasebusika kuyoba njalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite