Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 2:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Izwi lothandiweyo wami! bhekani, uyeza egxuma phezu kwezintaba, egxuma emagqumeni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Nanto izwi lothandiweyo wami! Bheka, uyeza eqa ezintabeni, etshekula emagqumeni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Yizwi lothandiweyo wami lelo! Bheka, weqa izintaba, ugxuma phezu kwamagquma.

Gade chapit la Kopi




IsiHlabelelo seziHlabelelo 2:8
19 Referans Kwoze  

Izimvu zami ziyalizwa ilizwi lami, lami ngiyazazi, futhi ziyangilandela;


Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha; uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.


Lowo onomakoti ungumyeni; kepha umngane womyeni, omiyo emuzwa, uthokoza kakhulu ngezwi lomyeni; ngakho lokhu kujabula kwami kugcwalisekile.


Yeka ukuthi zithandeka kangakanani ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula; oletha izindaba ezinhle, omemezela insindiso; othi kulo iZiyoni: UNkulunkulu wakho uyinkosi;


Kuze kuse, amathunzi abaleke, phenduka, sithandwa sami, ube njengenkela noma ithole lendluzele ezintabeni ezingcono.


Wathi ngezwi elikhulu: “Sukuma, uqonde ngezinyawo zakho wagxuma, wahamba.


Wasegxuma wema, wahamba, wangena nabo ethempelini, ehamba egxuma, edumisa uNkulunkulu.


Ngokuba u-Israyeli wayengesiyo inhlekisa kuwe na? wafunyanwa phakathi kwamasela na? ngoba selokhu ukhulumile ngaye, ugxume ngokuthokoza.


Hlabelelani nina mazulu! ngokuba uJehova ukwenzile; thokozani nina zingxenye eziphansi zomhlaba. Jabulani nina zintaba, hlathi, nemithi yonke ekulo, ngokuba uJehova umhlengile uJakobe, wamkhazimulisa kwa-Israyeli.


Khona oyisishosha uyakugxuma njengendluzele, nolimi lwesimungulu luyakuhuba, ngokuba kuyakubhoboka amanzi ogwadule, nemifudlana ehlane.


Ngiyalala, kepha inhliziyo yami iyaphaphama; yizwi lothandiweyo wami engqongqotha, ethi: “Ngivulele, dadewethu, sithandwa sami, juba lami, opheleleyo wami, ngokuba ikhanda lami ligcwele amazolo nezihluthulelo zami ngamathonsi. Kwasebusuku.


Kwathi umphongolo kaJehova ufika emzini kaDavide, uMikhali indodakazi kaSawule walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide yeqa, isina phambi kukaJehova; wamdelela enhliziyweni yakhe.


Thokozani ngalolo suku, nigxumagxume, ngokuba bhekani, umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba benze njalo oyise kubaprofethi.


Vuka, moya wasenyakatho! woza wena ningizimu! phephetha phezu kwensimu yami, ukuze amakha ayo aphume. Othandiweyo wami makangene ensimini yakhe, adle isithelo sakhe esimnandi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite