Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Uma ungazi lokhu, wena muhlekazi phakathi kwabesifazane, hamba ezinyathelweni zomhlambi, nezimbuzi zakho zeluse ngasematendeni abelusi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Uma ungakwazi wena muhlekazi phakathi kwabesifazane, phuma uhambe ezinyathelweni zomhlambi, waluse amazinyane akho ngasematendeni abelusi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Uma ungazi, wena omuhle kunabo bonke abesifazane, landela imizila yomhlambi, weluse amazinyane akho ngasemathendeni abelusi.

Gade chapit la Kopi




IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:8
25 Referans Kwoze  

Ushonephi othandiweyo wakho, wena muhlekazi kwabesifazane? uphi othandiweyo wakho? ukuze simfune kanye nawe.


Othandiweyo wakho umkhulu ngani kunesinye isithandwa, wena muhlekazi kwabesifazane? Othandiweyo wakho udlula ngani omunye, ukuba usifungise kanjalo na?


njengoba nje uSara wamlalela uAbrahama embiza ngokuthi nkosi;


Bazalwane bami, thathani abaprofethi abakhuluma egameni leNkosi, babe yisibonelo sokuhlupheka nokubekezela.


U-Abrahama ubaba akalungisiswanga yini ngemisebenzi, lapho enikela u-Isaka indodana yakhe e-altare na?


Khumbulani abaniholayo, abakhulume izwi likaNkulunkulu kini, niqonda ukuphela kokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo.


Ukuze ningavilaphi, kodwa nilingise labo abathi ngokholo nangokubekezela badla ifa lezithembiso.


ukuze azimise phambi kwakhe ibandla elinenkazimulo, elingenasisihla, noma umbimbi, nanto enjalo; kodwa ukuthi libe ngcwele njalo lingelasici.


Yibani ngabalingisi bami, njengokuba nami ngilingisa uKristu.


Sebedlile uJesu wathi kuSimoni Petru: Simoni kaJona, uyangithanda kunalaba na? Wathi kuye: Yebo, Nkosi; uyazi ukuthi ngiyakuthanda. Wathi kuye: Dlisa amawundlu ami.


Usho kanje uJehova, uthi: “Yimani ezindleleni, nibuke, nibuze ngezindlela zakudala, iphi indlela enhle, nihambe ngayo, niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu. Kodwa bathi: Asiyikuhamba ngayo.


Luhle kangakanani uthando lwakho, dadewethu, makoti wami! lungcono kangakanani uthando lwakho kunewayini! nephunga lamakhambi akho njengazo zonke izinongo!


Umuhle wonke, sithandwa sami; akukho ndawo kuwe.


Bheka, umuhle, sithandwa sami; bheka, umuhle; unamehlo ejuba phakathi kwezikhiye zakho; izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuzi ovela entabeni yakwaGileyadi.


Othandiweyo wami wakhuluma, wathi kimi: Vuka, sithandwa sami, muhlekazi wami, uze.


Bheka, umuhle, sithandwa sami; bheka, umuhle; unamehlo ejuba.


Ubusisiwe umuntu ongilalelayo, olinda emasangweni ami imihla yonke, alinde ezinsikeni zeminyango yami.


Indodakazi yenkosi isiyinhle kakade ngaphakathi; izingubo zayo ziyigolide elikhandiweyo.


Inkosi izabufisa kakhulu ubuhle bakho, ngoba iyiNkosi yakho; nimkhonze.


Kodwa kwabangcwele abasemhlabeni, lakwabakhulu, engithokoza ngakho konke.


Ngokunjalo noRahabi isifebe akalungisiswanga yini ngemisebenzi, esezamukele izithunywa, esezikhiphe ngenye indlela?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite