Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngimnyama, kepha ngimuhle, madodakazi aseJerusalema, njengamatende akwaKedari, njengezilenge zikaSolomoni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngimnyama, kepha ngimuhle, madodakazi aseJerusalema, njengamatende akwaKedari, njengezilenge zikaSolomoni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Madodakazi aseJerusalema, ngimnyama kodwa ngimuhle. Nginjengamathende akwaKhedari, nanjengamakhethini kaSolomoni.

Gade chapit la Kopi




IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:5
29 Referans Kwoze  

Ngokuba yena ongasazi isono wamenza isono esikhundleni sethu; ukuze senziwe ukulunga kukaNkulunkulu kuye.


Kodwa uyise wathi ezincekwini zakhe: Khuphani nikhiphe ingubo enhle kunazo zonke, niyembathise; wafaka indandatho esandleni sakhe, nezicathulo ezinyaweni zakhe;


Umlomo wakhe umnandi; yebo, uthandeka ngokuphelele. Lo ungothandiweyo wami, lo ngumngane wami, madodakazi aseJerusalema.


Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema, uma ningithola othandekayo, nimtshele ukuthi ngiyafa uthando.


Juba lami elisemifantwini yedwala, ekusithekeni kwezitebhisi, mangibone ubuso bakho, ngizwe ilizwi lakho; ngokuba limnandi izwi lakho, nobuso bakho buhle.


Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema, ngezimpungushe nangezindluzele zasendle, ukuba ningaluvusi, lungalushukumisi uthando, lungakamthandi.


Maye kimina, ngokuba ngigogobele kwaMesheki, ngihlala ematendeni akwaKedari!


Kepha yembathani iNkosi uJesu Kristu, ningakhathaleli inyama ukuba nifeze izinkanuko zayo.


Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi, okhanda ngamatshe abathunywe kuwe! Bengithanda kangakanani ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukhukazi sibuthela amazinyane aso ngaphansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga!


Kwathi inkosi ingena ukukhangela ababehlezi ekudleni, yabona khona umuntu owayeyembethe isembatho somtshado.


Kumanele umfundi ukuthi abe njengomfundisi wakhe, nenceku ibe njengenkosi yayo. Uma bebizile umninindlu ngokuthi uBelzebule, kakhulu kangakanani abendlu yakhe?


Udumo lwakho lwaphumela ezizweni ngenxa yobuhle bakho, ngokuba bapheleliswa ngobuhle bami engabubeka phezu kwakho, isho iNkosi uJehova.


Ngizakwethaba kakhulu kuJehova, umphefumulo wami uzakwethaba ngoNkulunkulu wami; ngoba ungigqokise izembatho zensindiso, wangembesa ngesambatho sokulunga, njengomyeni ehloba ngezivunulo, lanjengomakoti ezihloba ngobucwebe bakhe.


Yonke imihlambi yaseKedari iyakubuthelwa kuwe, izinqama zaseNebayoti zikukhonze; bayokwenyukela e-altare lami ngokujabula, futhi ngizokhazimulisa indlu yenkazimulo yami.


Umuhle, sithandwa sami, njengeTirisa, umuhle njengeJerusalema, wesabeka njengebutho eliphethe amabhanela.


Izindebe zakho zinjengomucu obomvu, nokukhuluma kwakho kuhle; amathempeli akho anjengocezu lwehalananda phakathi kwezihluthulelo zakho.


Bhekani uthando olungaka asinike lona uBaba lokuba sibizwe ngokuthi singabantwana bakaNkulunkulu;


ukuze alingcwelise, alihlambulule ngesigezo samanzi ngezwi;


Kodwa iJerusalema eliphezulu likhululekile, elingumama wethu sonke.


Ngokuba uyakumila phambi kobuso bakhe njengehlumela, nanjengempande emhlabathini owomileyo; futhi lapho sizoMbona, akukho buhle ukuthi singaMfisa.


Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema, ukuba ningaluvusi uthando lwami, ningaluvusi uthando lwami, lungakamthandi.


Wenza izinsika zalo ngesiliva, iphansi lazo ngegolide, nesembozo sazo ngokunsomi, phakathi kwazo simbozwe uthando lwamadodakazi aseJerusalema.


Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema, ngezimpungushe nangendluzele yasendle, ukuba ningaluvusi, ningaluvusi uthando lwami, lungakamthandi.


Ngokuba uJehova uyathokoza ngabantu bakhe; Uyohlobisa abathobekileyo ngensindiso.


Ubuhle bukaJehova uNkulunkulu wethu mabube phezu kwethu, uqinise umsebenzi wezandla zethu phezu kwethu; yebo, umsebenzi wezandla zethu uyakuqinisa.


Amadodakazi enkosi ayephakathi kwabesifazane bakho abahloniphekile; Indlovukazi imi ngakwesokunene sakho, igqoke igolide laseOfiri.


Ngokuba isho kanje kimi iNkosi, ithi: Phakathi nonyaka, njengeminyaka yomqashwa, yonke inkazimulo yeKedari iyakuphela.


I-Arabiya nazo zonke izikhulu zaseKedari zasebenza kuwe ngamawundlu, nezinqama, nezimbuzi; ngokuba babengabahwebi bakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite