Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

15 Bheka, umuhle, sithandwa sami; bheka, umuhle; unamehlo ejuba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Bheka, umuhle, sithandwa sami! Bheka, umuhle! Unamehlo amajuba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Waze wamuhle sithandwa sami! Bheka, umuhle, amehlo akho angamajuba.

Gade chapit la Kopi




IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:15
17 Referans Kwoze  

Bheka, umuhle, sithandwa sami; bheka, umuhle; unamehlo ejuba phakathi kwezikhiye zakho; izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuzi ovela entabeni yakwaGileyadi.


Amehlo akhe anjengamehlo amajuba ngasemifuleni yamanzi, agezwe ngobisi, alungisiwe.


Umuhle wonke, sithandwa sami; akukho ndawo kuwe.


Kodwa lina lithi: Ngani? Ngokuba uJehova wayengufakazi phakathi kwakho nomfazi wobusha bakho owaphambuka kuye; nokho ungumngane wakho nomfazi wesivumelwano sakho.


Yeka ukuthi umuhle futhi uthandeka kangakanani, sithandwa, ngenxa yentokozo!


Umuhle, sithandwa sami, njengeTirisa, umuhle njengeJerusalema, wesabeka njengebutho eliphethe amabhanela.


Ngiyalala, kepha inhliziyo yami iyaphaphama; yizwi lothandiweyo wami engqongqotha, ethi: “Ngivulele, dadewethu, sithandwa sami, juba lami, opheleleyo wami, ngokuba ikhanda lami ligcwele amazolo nezihluthulelo zami ngamathonsi. Kwasebusuku.


Luhle kangakanani uthando lwakho, dadewethu, makoti wami! lungcono kangakanani uthando lwakho kunewayini! nephunga lamakhambi akho njengazo zonke izinongo!


Umkhiwane uthela amakhiwane awo aluhlaza; Vuka, sithandwa sami, muhlekazi wami, uze uhambe.


Othandiweyo wami wakhuluma, wathi kimi: Vuka, sithandwa sami, muhlekazi wami, uze.


Uma ungazi lokhu, wena muhlekazi phakathi kwabesifazane, hamba ezinyathelweni zomhlambi, nezimbuzi zakho zeluse ngasematendeni abelusi.


Ngikufanise, sithandwa sami, neviyo lamahhashi ezinqoleni zikaFaro.


Bheka, umuhle, sithandwa sami, yebo, muhle; umbhede wethu nawo uluhlaza.


Ngubani lo obonakala njengokusa, emuhle njengenyanga, ekhanya njengelanga, owesabekayo njengebutho eliphethe amabhanela?


Isimo sakho sinjengesundu, namabele akho njengamahlukuzo ezithelo zomvini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite