Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Obadiya 1:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

19 Abasuka eningizimu bayakudla ifa lentaba yakwa-Esawu; nabasethafeni, amaFilisti, badle ifa lensimu yakwa-Efrayimi nensimu yaseSamariya; uBenjamini uyakudla iGileyadi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Abaseningizimu bayakudla ifa lentaba yakwa-Esawu, nabasehlanzeni ifa lamaFilisti, badle ifa lezwe lakwa-Efrayimi nezwe laseSamariya, uBenjamini adle iGileyadi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Abantu baseNegevu bayakudla intaba ka-Esawu, kuthi abaseShephela badle elamaFilisti, elakwa-Efrayimi nelaseSamariya, abakwaBhenjamini badle iGileyadi.

Gade chapit la Kopi




Obadiya 1:19
33 Referans Kwoze  

Ukuze badle ilifa lensali yakwaEdomi lazo zonke izizwe ezibizwa ngebizo lami,” kutsho uJehova owenza lokhu.


Abantu kumelwe bathenge amasimu ngemali futhi basayine izincwadi futhi babeke uphawu, futhi bathathe ofakazi ezweni lakwaBenjamini nasezindaweni ezizungezile eJerusalema nasemizini yakwaJuda nasemizini yasezintabeni nasemizini yasesigodini nasemadolobheni asesigodini. Imizi yaseningizimu, ngokuba ngiyakushintsha isabelo sayo,” usho uJehova.


Niyakuhlala ezweni engalinika oyihlo; niyakuba yisizwe sami, mina ngibe nguNkulunkulu kini.


Yalusa abantu bakho ngentonga yakho, umhlambi wefa lakho ohlala wodwa ehlathini phakathi kweKarmeli; mabadle eBashani nakwaGileyadi njengasezinsukwini zasendulo.


Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabantwana bakwa-Amoni, nangenxa yezine, angiyikukubuyisa ukujeziswa kwabo; ngoba badwengula abesifazane abakhulelweyo bakwaGileyadi ukuze bandise umngcele wabo.


Ngiyakunquma owakhileyo e-Ashidodi nophethe intonga e-Ashikeloni, ngiphendulele isandla sami phezu kwe-Ekroni; insali yamaFilisti iyoshabalala, isho iNkosi uJehova.


Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakwelulela isandla sami phezu kwamaFilisti, nginqume amaKrethi, ngichithe insali ogwini lolwandle.


Ngabantwana bakwa-Amoni, usho kanje uJehova, uthi: “U-Israyeli akanamadodana na? akanayo indlalifa? Pho kungani inkosi yabo ithatha uGadi futhi ihlalise abantu bayo emizini yakhe?


Ngoba uNkulunkulu uzalihlenga iZiyoni, akhe amadolobho akoJuda, ukuze bahlale khona, balidle.


Inkosi yasithumela impendulo kuRehumi umlawuli, loShimishayi umbhali, labanye abangane babo abahlala eSamariya lakwabanye abangaphetsheya koMfula: Ukuthula, njalonjalo.


Base befika kuZerubabele nasezinhloko zawoyise, bathi kubo: “Masakhe kanye nani, ngokuba sifuna uNkulunkulu wenu njengani; siyamhlabela kusukela emihleni ka-Esarihadoni, inkosi yase-Asiriya, owasiletha lapha.


UNkulunkulu ka-Israyeli wawuvusa umoya kaPhuli inkosi yase-Asiriya nomoya kaThiligati Philineseri inkosi yase-Asiriya, wabahola, abakwaRubeni nabakwaGadi nengxenye yesizwe sakwaManase, wabayisa eHala, naseHabori, naseHara, nasemfuleni iGoshani, kuze kube namuhla.


Inkosi yase-Asiriya yaletha abantu eBabele, naseKutha, nase-Awa, naseHamati, naseSefarivayimi, yawabeka emizini yaseSamariya esikhundleni sabantwana bakwa-Israyeli; balidla iSamariya, bahlala emzini imizi yalo.


nasesigodini i-Eshitawoli, neSoreki, ne-Asna,


Imizi ekude yesizwe sabantwana bakwaJuda ngasogwini oluseningizimu yakwa-Edomi yayiyiKabiseyeli, ne-Edere, neJaguri,


Inxenye yakwaGileyadi, ne-Ashitaroti, ne-Edireyi, imizi yombuso ka-Ogi eBashani, yayingelabantwana bakwaMagiri indodana kaManase, inxenye yabantwana bakwaMagiri ngemindeni yabo.


Umkhawulo wabo wawuyiJazeri, nayo yonke imizi yakwaGileyadi, nenxenye yezwe labantwana bakwa-Amoni, kuze kufike e-Aroweri ephambi kweRaba;


Kubantwana bakoJosefa, abantwana bakoEfrayimi, ngensendo zabo, ngezizukulwane zabo, ngezindlu zaboyise, ngokwenani lamabizo, kusukela koleminyaka engamatshumi amabili langaphezulu, bonke aba negunya. Ukuphuma ukuya empini;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite