Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Obadiya 1:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngosuku owama ngalo maqondana, mhla abezizwe besusa amabutho akhe nabafokazi bengena emasangweni akhe benza inkatho ngeJerusalema, nawe wawunjengomunye wabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngosuku owema kude ngalo, ngosuku abafokazi abasusa ngalo imfuyo yakhe, nabezizwe bangena ngamasango akhe, benza inkatho ngeJerusalema, nawe wawunjengomunye wabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Phela ngosuku owamela kude ngalo, mhla abafokazi bephanga umcebo wakhe, nabezizwe betheleka emasagweni akhe, benza unkatho ngeJerusalema, nawe wawufana nomunye wabo.

Gade chapit la Kopi




Obadiya 1:11
13 Referans Kwoze  

Khumbula, Jehova, abantwana bakwa-Edomi ngosuku lweJerusalema; owathi: Dilili, lihlukanise, kuze kube sesisekelo salo.


Kepha wathunjwa, waya ekudingisweni; nabantwana balo bachotshozwa eziqongweni zazo zonke izitaladi; benza inkatho ngabahlonishwayo, nabo bonke abakhulu balo baboshwa ngamaketanga.


Benza inkatho phezu kwabantu bami; wanika isifebe indodana, wathengisa ngentombazane ukuze aphuze iwayini.


Lapho ubona isela, wavumelana lalo, wahlanganyela leziphingi;


Bonke abanye abantu ababesele emzini kanye nababaleki ababehlubuke enkosini yaseBhabhiloni kanye nensali yesixuku uNebusaradani induna yabalindi wabathumba.


Ngokuba benze icebo nganhliziyonye, bahlangene nawe;


amadokodo akwa-Edomi nama-Ishmayeli; kwaMowabi nabakwaHagarene;


Ngokuba uthe: Lezi zizwe ezimbili nalawa mazwe womabili ayakuba ngawami, siyakuwadla; uJehova ekhona;


Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zeGaza, nangenxa yezine, angiyikukubuyisa ukujeziswa kwalo; ngoba bathumba bonke abathunjwa ukuze babanikele kuEdoma.


Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zeTire, ngenxa yezine, angiyikukubuyisa ukujeziswa kwalo; ngoba banikela bonke ekuthunjweni ku-Edomi futhi abazange bacabange ngesivumelwano sobuzalwane.


Lokhu kuyakuba njengokuzigqaja kwabo, ngokuba baye bazihlambalaza, baziphakamisa kubantu bakaJehova Sebawoti.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite