Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 9:50 - Contemporary Zulu Bible 2024

50 Usawoti muhle, kepha uma usawoti edumele, ningawuthambisa ngani na? Yibani nosawoti phakathi kwenu, nihlalisane ngokuthula.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

50 “Usawoti muhle, kepha uma usawoti engasenabusawoti, niyakumhlaziya ngani na? Yibani nosawoti phakathi kwenu, nihlalisane ngokuthula.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

50 “Usawoti muhle, kodwa uma usawoti usuduma, niyakuwubuyisela kanjani ubusawoti bawo na? Yibani nosawoti phakathi kwenu, nihlalisane ngokuthula.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

50 Usawoti muhle, kepha uma usawoti edumele, ningawuthambisa ngani na? Yibani nosawoti phakathi kwenu, nihlalisane ngokuthula.

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 9:50
28 Referans Kwoze  

Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.


Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, hlalani ngokuthula nabantu bonke.


Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuswa ngani na? kusukela ngaleso sikhathi awusasizi lutho, kuphela ukulahlwa ngaphandle, nokunyathelwa ngabantu.


Landelani ukuthula nabantu bonke, nokungcweliswa, okungekho muntu oyobona iNkosi ngaphandle kwakho;


Ekugcineni, bazalwane, salani kahle. Niphelele, niduduzeke, nibe nhliziyonye, nihlale ngokuthula; futhi uNkulunkulu wothando nokuthula uyakuba nani.


Kuphela ukuhamba kwenu makube njengokufanele ivangeli likaKristu, ukuze kuthi noma ngiza nginibona, noma ngingekho, ngizwe izindaba zenu, ukuthi nime niqinile emoyeni munye, nganhliziyonye nilwela ukukholwa kweNkosi ivangeli;


Okungamnandi kungadliwa ngaphandle kukasawoti na? Noma kukhona ukunambitha kokumhlophe kweqanda na?


nibazise kakhulu othandweni ngenxa yomsebenzi wabo. Futhi nihlalisane ngokuthula.


Makungaphumi nkulumo eyonakele emlonyeni wenu, kodwa kube kuhle kube kuhle kube nokwakhayo, ukuze kube umusa kwabezwayo.


Elokugcina manibe nomqondo munye nonke, nihawukelane, nithandane njengabazalwane, nihawukele, nibe nomusa;


Ngokuba ulaka lomuntu alukwenzi ukulunga kukaNkulunkulu.


Kepha balekela izinkanuko zobusha, kepha ulandele ukulunga, nokukholwa, nothando, nokuthula kanye nabakhuleka eNkosini ngenhliziyo emhlophe.


Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani izinhliziyo zesihe, umusa, ukuthobeka, ubumnene, nokubekezela;


Kodwa isithelo sikaMoya siluthando, intokozo, ukuthula, ukubekezela, ubumnene, ukulunga, ukholo,


Deda ebubini wenze okuhle; funa ukuthula, ukuphishekele.


Kodwa bathula, ngoba endleleni babephikisana bodwa ngokuthi ngubani omkhulu.


Ihubo likaDavide. Bheka, kuhle, kumnandi kanjani ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.


Uwunikele phambi kukaJehova, abapristi bathele usawoti kuwo, bawunikele njengomnikelo wokushiswa kuJehova.


Ngokuba yilowo nalowo uyakutswaywa ngomlilo, futhi wonke umhlatshelo utswaywe ngosawoti.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite