Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 7:21 - Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ngokuba ngaphakathi, enhliziyweni yomuntu kuphuma imicabango emibi, ukuphinga, ubufebe, ukubulala,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 ngokuba ngaphakathi enhliziyweni yabantu kuphuma imicabango emibi, nobufebe, nokweba, nokubulala,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Ngokuba ngaphakathi enhliziyweni yomuntu kuvela imicabango emibi: ubufebe, ukweba, ukubulala,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

21 Ngokuba ngaphakathi, enhliziyweni yomuntu kuphuma imicabango emibi, ukuphinga, ubufebe, ukubulala,

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 7:21
37 Referans Kwoze  

Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, nenhliziyo yonakele; ngubani ongakwazi?


Ngokuba enhliziyweni kuphuma imicabango emibi, ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ukufakaza amanga, ukuhlambalaza;


Ngakho-ke phenduka kulobu bubi bakho, unxuse kuNkulunkulu, ukuba mhlawumbe uthethelelwe isizindlo senhliziyo yakho.


Isho kanje iNkosi uJehova; Kuzokwenzeka futhi ukuthi ngesikhathi esifanayo izinto zizofika engqondweni yakho, futhi uzocabanga umcabango omubi;


UJesu eyazi imicabango yabo wathi: “Nizindlani okubi ezinhliziyweni zenu na?


Jerusalema, geza inhliziyo yakho ebubini, ukuze usindiswe. Koze kube nini imicabango yakho eyize ihlala kini na?


Ngakho anibandlululi yini, naze naba ngabahluleli bemicabango emibi na?


Qapha inhliziyo yakho ngakho konke ukukhuthala; ngoba kuyo kuvela imithombo yokuphila.


Wathi kubo: “Nina ningabazishaya abalungileyo phambi kwabantu; kepha uNkulunkulu uyazazi izinhliziyo zenu, ngokuba lokho okuphakeme phakathi kwabantu kuyisinengiso emehlweni kaNkulunkulu.


Izinyawo zabo zigijimela ebubini, bashesha ukuchitha igazi elingenacala; imicabango yabo iyimicabango yobubi; incithakalo nokubhubhisa kusezindleleni zabo.


Bonke babuyela emuva; bangcola ngokuphelele; akakho owenza okuhle, akakho noyedwa.


Bonke basuka, bangcola bonke kanyekanye; akakho owenza okuhle, akakho noyedwa.


Kodwa isono sathola ithuba ngomyalo, sasebenza kimi yonke inkanuko. Ngokuba ngaphandle komthetho isono sasifile.


Isekhona ibingesiyo eyakho na? Selithengisiwe belingekho emandleni akho na? Ufakeni le nto enhliziyweni yakho na? awuqambanga amanga kubantu, kepha kuNkulunkulu.


UJehova uyakuchitha indlu yabazidlayo, kepha aqinise imikhawulo yomfelokazi.


Kumholi wokuhlabelela, ihubo likaDavide. Isiwula sathi enhliziyweni yaso: Akakho uNkulunkulu. Bakhohlakele, benze izinto ezinyantisayo, akekho owenza okuhle.


Pho umuntu angalungisiswa kanjani nguNkulunkulu? Ozelwe ngowesifazane angaba msulwa kanjani na?


Ngubani ongakhipha okuhlambulukileyo kokungcolile na? hhayi noyedwa.


INkosi yezwa iphunga elimnandi; uJehova wathi enhliziyweni yakhe: “Angisayikuwuqalekisa umhlaba ngenxa yomuntu; ngokuba imicabango yenhliziyo yomuntu mibi kwasebusheni bakhe; futhi angisayikuphinda ngishaye zonke izinto eziphilayo njengoba ngenzile.


UNkulunkulu wabona ukuthi ububi bomuntu bukhulu emhlabeni nokuthi zonke izizindlo zemicabango yenhliziyo yakhe zimbi njalo.


Ngokuba lapho sisenyameni, inkanuko yezono eyayingokomthetho yasebenza ezithweni zethu ukuba sithelele ukufa isithelo.


Kumholi wokuhlabelela ngoMahalati, iMaskili, iHubo likaDavide. Isiwula sathi enhliziyweni yaso: Akakho uNkulunkulu. Bonakele, futhi benze ububi obunengekayo; akakho owenza okuhle.


Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, singalaleli, sikhohliswa, sikhonza izinkanuko nezinjabulo ezihlukahlukene, siphila ebubini nomhawu, sizondwa, sizondana.


Thobisela inhliziyo yami ebufakazini bakho, hhayi ekuhaheni.


ngokweqa uJehova, nokuqamba amanga, nokuhlubuka kuNkulunkulu wethu, nokukhuluma ukucindezela nokuhlubuka, nokukhuluma inkohliso namazwi angamanga asuka enhliziyweni.


Nina nenze okubi kunoyihlo; ngoba bhekani, nihamba, kube yilowo nalowo ngobubi benhliziyo yakhe embi, ukuze bangangilaleli.


Wasesithi: Okuphumayo kumuntu yikho okungcolisayo umuntu.


ubusela, ukufisa, ububi, inkohliso, ukuxhwala, ilihlo elibi, inhlamba, ukuzigqaja, ubuthutha;


Ngakho bulalani amalungu enu asemhlabeni; ubufebe, ukungcola, inkanuko, inkanuko embi, lokuhaha, okuyikukhonza izithombe;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite