Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 6:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Nabaninganamukeli, enganizwa, anothi nimuka lapho, nivuthulule uthuli oluphansi kwezinyawo zenu, kube ngubufakazi kubo. Ngiqinisile ngithi kini: Kuyakuba ngcono kulo iSodoma neGomora ngosuku lokwahlulelwa kunakulowo muzi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Nayiphi indawo engayikunamukela, nalapho bengayikunizwa khona, anothi nimuka kuyo, nivuthulule uthuli oluphansi kwezinyawo zenu, kube ngubufakazi kubo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Noma kuyiphi indawo lapho bengayukunamukela khona, nalapho bengayukunilalela khona, anothi uma senisuka kuyo, nithintithe uthuli oluphansi kwezinyawo zenu, lokho kube ngubufakazi kubo.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Nabaninganamukeli, enganizwa, anothi nimuka lapho, nivuthulule uthuli oluphansi kwezinyawo zenu, kube ngubufakazi kubo. Ngiqinisile ngithi kini: Kuyakuba ngcono kulo iSodoma neGomora ngosuku lokwahlulelwa kunakulowo muzi.

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 6:11
20 Referans Kwoze  

Kwathi bemphikisa, behlambalaza, wathintitha izingubo zakhe, wathi kubo: “Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu; Mina ngihlanzekile: kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.


Nami nganyakazisa ingubo yami, ngathi: “Ngakho uNkulunkulu uyanyakazisa, kube yilowo nalowo endlini yakhe nasemsebenzini wakhe ongasigcwalisi lesi sithembiso; naye makavuthululwe kanjalo, angenalutho. Ibandla lonke lathi: Amen, lidumise uJehova. Abantu benza njengesithembiso.


Njengoba nje iSodoma leGomora, lemizi yangakibo, yenza ubufebe ngokunjalo, ilandela inyama engeyiyo, ibekwe yaba yisibonelo, ithwele ukujeziswa komlilo ophakade.


Ngalokhu uthando luphelelisiwe kithi, ukuze sibe nesibindi ngosuku lokwahlulelwa, ngokuba njengalokhu enjalo yena, sinjalo nathi kuleli zwe.


Kepha izulu nomhlaba okukhona manje kubekelwe umlilo ngalo lona leli zwi, kugcinelwe usuku lokwahlulelwa nokubhubha kwabantu abangamesabi uNkulunkulu.


INkosi iyakwazi ukukhulula ezilingweni abamesabayo, nokugcinela abangalungile usuku lokwahlulelwa, bajeziswe;


Wayilahla imizi yaseSodoma neyaseGomora, wayichitha, wayichitha, ephendula imizi yaseSodoma neyaseGomora ibe yisibonelo kwabangayikumesaba uNkulunkulu;


Ngosuku uNkulunkulu azakwahlulela ngalo izimfihlo zabantu ngoJesu Khristu ngokwevangeli lami.


Kepha ngobulukhuni bakho nenhliziyo engaphendukiyo uzibekelela ulaka ngosuku lolaka nolokwambulwa kokwahlulela okulungileyo kukaNkulunkulu;


Lalowo ongayikunamukela, anothi niphuma kulowo muzi, nivuthulule nothuli ezinyaweni zenu, kube ngubufakazi kubo.


Kepha ngithi kini: Amazwi onke ayize abawakhulumayo abantu bayakuzilanda ngawo ngosuku lokwahlulelwa.


Wathi kubo: “Nomaphi lapho ningena khona endlini, hlalani khona nize nimuke kuleyo ndawo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite