Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 14:49 - Contemporary Zulu Bible 2024

49 Benginani imihla ngemihla ethempelini ngifundisa, aningibambanga, kepha kufanele kugcwaliseke imibhalo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

49 Benginani imihla ngemihla ethempelini ngifundisa, anangibamba; kepha nga kugcwaliseka imibhalo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

49 Benginani imihla ngemihla ethempelini, ngifundisa, anizange ningibambe; kodwa ifanele ukugcwaliseka imibhalo.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

49 Benginani imihla ngemihla ethempelini ngifundisa, aningibambanga, kepha kufanele kugcwaliseke imibhalo.

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 14:49
27 Referans Kwoze  

UJesu wamphendula wathi: “Ngikhulume obala emhlabeni; Bengihlala ngifundisa esinagogeni nasethempelini, lapho abaJuda bebuthana khona njalo; futhi ngasese angikhulumanga lutho.


Kwathi kusesekuseni wabuye weza ethempelini, abantu bonke beza kuye; wahlala phansi wabafundisa.


Ngokuba ngithi kini: Lokhu okulotshiweyo kusamelwe kufezeka kimi, kokuthi: Wabalwa kanye nezelelesi, ngokuba okuqondene nami kunesiphelo.


UJesu efundisa ethempelini waphendula wathi: “Basho kanjani ababhali ukuthi uKristu uyiNdodana kaDavide na?


Kepha konke lokhu kwenzeka ukuba kugcwaliseke imibhalo yabaprofethi. Khona bonke abafundi bamshiya, babaleka.


Kodwa ingagcwaliseka njani imibhalo yokuthi kumele kube njalo?


Manje konke lokhu kwenzeka, ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomprofethi ukuthi:


UJesu wayehambahamba ethempelini ekhulusini likaSolomoni.


Khona uJesu wabuye wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngiwukukhanya kwezwe;


Kwathi ngosuku lokugcina olukhulu lomkhosi uJesu wema wamemeza wathi: “Uma ekhona owomileyo, akeze kimi, aphuze.


Wayefundisa ethempelini imihla ngemihla. Kepha abapristi abakhulu nababhali nezikhulu zabantu bafuna ukumbulala;


Base befika eJerusalema; kwathi ehamba ethempelini, kwafika kuye abapristi abakhulu, nababhali, namalunga;


Ngaleso sikhathi uJesu wathi ezixukwini: “Niphumele ukungibamba niphethe izinkemba nezinduku njengokuya kumphangi na? Bengihlezi kini insuku zonke ethempelini ngifundisa, aningibambanga.


Wayesesuka lapho, weza emikhawulweni yaseJudiya, ngaphesheya kweJordani; wabuye wabafundisa njengokwejwayela.


UJesu waphendula, wathi kubo: “Niphumele ukungibamba ninezinkemba nezinduku ukungibamba kungathi nize kumphangi na?


Bamshiya bonke, babaleka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite