Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 10:34 - Contemporary Zulu Bible 2024

34 Bayakuyiklolodela, bayishaye, bayikhafulele, bayibulale, kepha ngosuku lwesithathu izakuvuka.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 bazakuyiklolodela, bayikhafulele ngamathe, bayishaye, bayibulale; kepha emva kwezinsuku ezintathu izakuvuka.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

34 bayiklolodele, bayikhafulele ngamathe, bayishaye, bayibulale, kepha emva kwezinsuku ezintathu izakuvuka.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

34 Bayakuyiklolodela, bayishaye, bayikhafulele, bayibulale, kepha ngosuku lwesithathu izakuvuka.

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 10:34
24 Referans Kwoze  

Abanye baqala ukumkhafulela amathe, nokumboza ubuso bakhe, nokumshaya, nokuthi kuye: “Profetha!” Izinceku zamshaya.


Base bemkhafulela ngamathe ebusweni, bamshaya; abanye bamshaya ngezintende zezandla.


Kusukela ngaleso sikhathi uJesu waqala ukubonisa abafundi bakhe ukuthi umelwe ukuya eJerusalema, ahlushwe ngokuningi ngamalunga nabapristi abakhulu nababhali, abulawe, avuswe ngosuku lwesithathu.


lokuthi wembelwa, lokuthi wavuka ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo;


Wathi kuye: Wonke umuntu ubeka iwayini elimnandi kuqala; kuthi lapho sebephuzile, kudlule elibi, kepha wena ugcinile elimnandi kuze kube manje.


Ngokuba umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kwavela ngoJesu Kristu.


UHerodi lamabutho akhe bameyisa, bamklolodela, bamgqokisa isembatho esikhazimulayo, bambuyisela kuPilatu.


Khona umpristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Sisabafunelani ofakazi na?


Udelelekile, waliwa ngabantu; umuntu wosizi nojwayelene nosizi; futhi samfihlela ubuso bethu njengokungathi; wayedelelekile, futhi asizange simhloniphe.


Ngiwunike umhlane wami ekushayweni, nezihlathi zami kulabo abaklebhula izinwele; angibufihlanga ubuso bami ehlazweni nasekukhafuleni.


Ngokuba awuyikushiya umphefumulo wami esihogweni; futhi ngeke uvumele oNgcwele wakho abone ukonakala.


Emva kwezinsuku ezimbili uyakusiphilisa; ngosuku lwesithathu uyakusivusa, siphile phambi kwamehlo akhe.


Zangikhamisela imilomo yazo njengengonyama edwengulayo nebhodlayo.


Bayanengwa yimi, babalekela kude nami, abayekeli ukungikhafulela ebusweni.


besithi: Nkosi, siyakhumbula ukuthi umkhohlisi lowo esaphila wathi: Emva kwezinsuku ezintathu ngizavuka.


Ngoba wayefundisa abafundi bakhe, wathi kubo: INdodana yomuntu inikelwa ezandleni zabantu, njalo bazayibulala; njalo emva kokuba esebulewe, uzavuka ngosuku lwesithathu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite