Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 10:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Kodwa uJesu ekubona wathukuthela, wathi kubo: Vumelani abantwana abancane beze kimi, lingabenqabeli, ngoba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Kodwa uJesu ekubona wathukuthela, wathi kubo: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 UJesu ekubona lokho wathukuthela, wathi kubo: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Kodwa uJesu ekubona wathukuthela, wathi kubo: Vumelani abantwana abancane beze kimi, lingabenqabeli, ngoba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 10:14
36 Referans Kwoze  

Kepha uJesu wathi: “Vumelani abantwana, ningabenqabeli ukuza kimi, ngokuba umbuso wezulu ungowabanjalo.


Xwayani ukuba ningadeleli noyedwa walaba abancinyane; ngokuba ngithi kini: Izingelosi zabo ezulwini zibona njalo ubuso bukaBaba osezulwini.


Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuzithoba njengalo mntwana nguye omkhulu embusweni wezulu.


Njengezingane ezisanda kuzalwa langazelelani ubisi lwezwi olungenakonakala, ukuze nikhule ngalo;


lokuthi kusukela ebuntwaneni wazi imibhalo engcwele, elamandla okukuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKristu Jesu.


Emlonyeni wabo akufunyanwanga nkohliso, ngokuba bengenacala phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.


Nxa ngikhumbula ukholo lwakho olungazenzisiyo olwahlala kuqala kugogo wakho uLowisi lakunyoko uYunike; ngiyaqiniseka ukuthi nakuwe.


Thukuthelani, ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele.


Bazalwane, ningabi ngabantwana ngokuqonda, nokho ebubini nibe ngabantwana, kepha ekuqondeni nibe ngamadoda.


Ngokuba indoda engakholwayo ingcwelisiwe ngomfazi, nomfazi ongakholwayo ungcwelisiwe ngendoda; uma kungenjalo abantwana benu ngabe bangcolile; kodwa manje bangcwele.


Okwevangeli bayizitha ngenxa yenu;


Ngokuba uma ulibo lungcwele, nenhlama ingcwele; uma impande ingcwele, namagatsha anjalo.


Nina ningamadodana abaprofethi nawesivumelwano uNkulunkulu asenza nokhokho bethu, ethi ku-Abrahama: ‘Nangenzalo yakho imindeni yonke yomhlaba iyakubusiswa.’


Ngokuba isithembiso ngesenu, nesabantwana benu, nesabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.


Esetshibilika, wakhangela abafundi bakhe, wamkhuza uPetro, wathi: Suka emva kwami, Sathane, ngoba kawuqondi okukaNkulunkulu kodwa okwabantu.


Wabaqalaza ngokuthukuthela, edabukile ngobulukhuni benhliziyo yabo, wathi kumuntu: Yelula isandla sakho. Waseselula; saphiliswa isandla sakhe saba njengesinye.


Abayikushikashikela ize, bazalele izinhlupheko; ngokuba bayinzalo yababusisiweyo bakaJehova, nenzalo yabo inabo.


Ngeke sikufihlele abantwana babo, futhi esizukulwaneni esizayo siyomemezela izindumiso zikaJehova namandla akhe nezimangaliso zakhe azenzile.


Futhi ngenxa yokuthi wabathanda oyihlo, ngakho wakhetha inzalo yabo ngemva kwabo, futhi wakukhipha phambi kwamehlo akhe eGibhithe ngamandla akhe amakhulu;


Kepha nina abantwana enasho ukuthi niyakuba yimpango, ngiyakubangenisa, balazi izwe enalidelela.


Ngiyakumisa isivumelwano sami phakathi kwami nawe nenzalo yakho emva kwakho ezizukulwaneni zayo sibe yisivumelwano esiphakade, ngibe nguNkulunkulu kuwe nakuyo inzalo yakho emva kwakho.


Kepha uHana akakhuphukanga; ngokuba wathi endodeni yakhe: “Angiyikukhuphuka umntwana aze alunyulwe; khona ngiyakumyisa ukuba abonakale phambi kukaJehova, ahlale khona kuze kube phakade.”


Wenza isithembiso, wathi: “Jehova Sebawoti, uma ukhumbula ukuhlupheka kwencekukazi yakho nami, futhi ungayikhohlwa incekukazi yakho, kepha unike incekukazi yakho indodana, ngiyakumnika uJehova izinsuku zonke zezwe. Ukuphila kwakhe, nempuco ayiyikuwela ekhanda lakhe.


Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.


Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.


UJesu waphendula wathi: Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Ngaphandle kokuthi umuntu azalwe ngamanzi langoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu.


Akubangakho nelilodwa izwi kukho konke uMose ayala ngakho, uJoshuwa angalifundanga phambi kwenhlangano yonke yakwa-Israyeli, nabesifazane, nabantwana, nabafokazi ababebazi phakathi kwabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite