Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaLuka 8:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Enye yawela edwaleni; kwathi nje imila yabuna, ngoba yayintula umswakama.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Enye yawela edwaleni; kuthe imila, yabuna, ngokuba ingenamswakama.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Enye yawela edwaleni; yamila, kodwa yasheshe yabuna, ngokuba kwakungekho mswakama.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 Enye yawela edwaleni; kwathi nje imila yabuna, ngoba yayintula umswakama.

Gade chapit la Kopi




NgokukaLuka 8:6
14 Referans Kwoze  

Labasedwalani yilabo abathi, lapho belizwa, balamukele izwi ngokuthokoza; kepha laba kabanampande, abakholwa isikhashana, kuthi ngesikhathi sokulingwa bawa.


Kuthiwa: “Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe, ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekucunuleni;


Amahhashi agijima edwaleni na? Umuntu angalima lapho ngezinkabi na? ngokuba niphendule ukwahlulela kube yinyongo, nesithelo sokulunga sibe ngumhlambi.


Ngiyakuninika inhliziyo entsha, ngifake phakathi kwenu umoya omusha; ngiyakukhipha inhliziyo yetshe enyameni yenu, ngininike inhliziyo yenyama.


Jehova, amehlo akho awagxilile eqinisweni na? Wabashaya, kepha abadabukanga; Wabaqeda, kepha bala ukujeziswa; benza ubuso babo baba lukhuni kunedwala; bala ukubuya.


Ngiyakubanika inhliziyo eyodwa, ngibeke umoya omusha phakathi kwenu; futhi ngiyokhipha inhliziyo yetshe enyameni yabo ngibanike inhliziyo yenyama.


Kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela imbewu yakhe; yanyathelwa, izinyoni zezulu zayidla zayidla.


Enye yawela emeveni; ameva akhula kanye nayo, ayiminyanisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite