Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaLuka 8:47 - Contemporary Zulu Bible 2024

47 Owesifazane ebona ukuthi akacashile, weza ethuthumela, wawa phansi phambi kwakhe, walandisa phambi kwabantu bonke ukuthi ubemthintile ngani, nokuthi usinde kanjani masinyane.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

47 Owesifazane ebona ukuthi kanakufihleka, weza ethuthumela, eziphonsa phansi phambi kwakhe, walanda phambi kwabantu bonke isisusa sokuba amthinte nokuthi usinde khona lapho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

47 Owesifazane ebona ukuthi ngeke esazifihla, weza ethuthumela, waziphonsa phambi kukaJesu, walanda phambi kwabo bonke abantu ukuthi nguye othinte ingubo kaJesu, nokuthi uphulukiswe kanjani khona manjalo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

47 Owesifazane ebona ukuthi akacashile, weza ethuthumela, wawa phansi phambi kwakhe, walandisa phambi kwabantu bonke ukuthi ubemthintile ngani, nokuthi usinde kanjani masinyane.

Gade chapit la Kopi




NgokukaLuka 8:47
18 Referans Kwoze  

Kodwa owesifazana ngokwesaba lokuthuthumela, ekwazi okwenzekileyo kuye, weza wawa phansi phambi kwakhe, wamtshela iqiniso lonke.


Uthando lwakhe ngani lukhulu kakhulu lapho ekhumbula ukulalela kwenu nonke, ukuthi namamukela kanjani ngokwesaba nangokuthuthumela.


Ngakho-ke njengoba semukela umbuso ongenakuzanyazanyiswa, masibe nomusa esingakhonza ngawo uNkulunkulu ngokwamukelekayo ngokuhlonipha nokwesaba uNkulunkulu.


Mina ngangikini ngobuthakathaka, nangokwesaba, nangokuthuthumela okukhulu.


Mkhonzeni uJehova ngokwesaba, nethabe ngokuthuthumela.


Wasebiza isibane, wagijimela phakathi, weza ethuthumela, wawa phambi kukaPawuli loSila.


USamuweli wenza njengokusho kukaJehova, wafika eBetlehema. Amalunga omuzi ethuthumela ekufikeni kwakhe, athi: “Uza ngokuthula na?


Lapho ngizwa lokhu, isisu sami sathuthumela; izindebe zami zathuthumela ngezwi; ukubola kwangena emathanjeni ami, ngaqhaqhazela phakathi kwami, ukuze ngiphumule ngosuku losizi;


Ngokuba zonke lezi zinto zenziwe yisandla sami, futhi zonke lezi zinto zenzekile, kusho uJehova; kepha lo ngiyakumbheka ompofu nobuthakathaka emoyeni, othuthumela ngezwi lami.


Nkosi, zonke izifiso zami ziphambi kwakho; nokububula kwami akufihlekile kuwe.


Ngakho-ke, bathandekayo, njengalokho nilalela ngezikhathi zonke, kungesikho nxa ngikhona kuphela, kepha ikakhulu manje ngingekho, sebenzelani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela.


Base beshesha bamuka ethuneni benokwesaba nokuthokoza okukhulu; wagijima wabikela abafundi bakhe.


Lapho u-Efrayimi ekhuluma ngokuthuthumela, waphakama kwa-Israyeli; kodwa lapho ona ngoBhali, wafa.


Mina ngiyamazi u-Efrayimi, no-Israyeli akacashile kimi; ngokuba manje, Efrayimi, uyafeba, u-Israyeli ungcolile.


Wozani nizwe nina nonke enimesabayo uNkulunkulu, ngizakulandisa akwenzele umphefumulo wami.


UJesu wathi: “Ukhona ongithintileyo, ngokuba mina ngibonile ukuthi amandla aphumile kimi.


Wathi kuye: “Yima isibindi, ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba ngokuthula.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite