Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaLuka 8:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Labasedwalani yilabo abathi, lapho belizwa, balamukele izwi ngokuthokoza; kepha laba kabanampande, abakholwa isikhashana, kuthi ngesikhathi sokulingwa bawa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Abasedwaleni yilabo abathi sebezwile, balamukele izwi ngokuthokoza; kepha laba kabanampande, bakholwa isikhashana nje, kuthi ngesikhathi sokulingwa bahlubuke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Abasedwaleni, yilabo okuthi lapho belizwa izwi, balamukele ngokuthokoza, kodwa laba kabanampande, bayakholwa isikhashana, kuthi uma kufika isikhathi sokulingwa bahlubuke.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Labasedwalani yilabo abathi, lapho belizwa, balamukele izwi ngokuthokoza; kepha laba kabanampande, abakholwa isikhashana, kuthi ngesikhathi sokulingwa bawa.

Gade chapit la Kopi




NgokukaLuka 8:13
37 Referans Kwoze  

Yena wayeyisibani esivuthayo nesikhanyayo, nina-ke nathanda ukuthokoza isikhashana ekukhanyeni kwakhe.


O Efrayimi, ngiyakwenzani kuwe na? Juda, ngenzeni kuwe na? ngokuba umusa wakho unjengefu lokusa, nanjengamazolo amuka ekuseni.


Bheka, kubo unjengehubo elimnandi kakhulu, onomsindo omnandi, obetha kahle ugubhu; ngokuba bayawezwa amazwi akho, kepha abawenzi.


Ababi bafisa inetha lababi, kepha impande yabalungileyo iyathela.


Laba bangamabala emikhosini yenu yothando, lapho bedla nani, bezidlisa ngaphandle kokwesaba; bangamafu angenamanzi, apheshulwa ngumoya; izihlahla ezibunayo, ezingatheli, ezifile kabili, ezisitshulwe;


Kodwa kubehlele kubo njengokwesaga esiqinisileyo esithi: Inja ibuyela emahlanzweni ayo; nengulube egeziweyo ekubhidlizeni odakeni.


Ngokuba uma sebebalekele ukungcola kwezwe ngokuyazi iNkosi noMsindisi uJesu Kristu, babuye bahilelwe yikho, bahlulwe, isiphetho sabo sibi kunokuqala.


Kodwa thina asisibo abokuhlehlela emuva ekubhujisweni; kodwa kwabakholwayo kube ngukusindiswa komphefumulo.


ukuze uKristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngokukholwa; ukuze nina, nigxilile, nisekelwe othandweni;


Kepha bayangifuna imihla ngemihla, bajabulela ukwazi izindlela zami njengesizwe esenza ukulunga, esingashiyi ukwahlulela kukaNkulunkulu waso; izimiso zomthetho bazicela Kimi; bayakujabulela ukusondela kuNkulunkulu.


Ngokuba njengalokhu umzimba ngaphandle komoya ufile, kanjalo nokukholwa ngaphandle kwemisebenzi kufile.


Ubambile ukholo nonembeza omuhle; abanye ngokuyilahla ngokukholwa, baphahlazeka umkhumbi;


Ngalokho kwathi ngingasenakubekezela, ngathumela ukuba ngazi ukukholwa kwenu, funa mhlawumbe umlingi unilingile, umshikashika wethu ube yize.


Nigxilile nakhiwe kuye, niqinisiwe ekukholweni, njengalokho nifundisiwe, nivame ukubonga.


Ingabe nahlupheka kangaka ngeze na? uba kuseyize.


O nina baseGalathiya abayiziwula, ngubani oniloyile ukuba ningalaleli iqiniso enibekwe obala phambi kwamehlo enu uJesu Kristu ebethelwe esiphambanweni na?


elisindiswa ngazo futhi, uma nikukhumbula lokho enganishumayeza khona, ngaphandle uma nikholwa ize.


Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune; bawabuthe, bawaphonse emlilweni, ashiswe.


Amagatsha wonke akimi angatheli isithelo uyawasusa;


Umuntu kayikuqiniswa ngobubi, kodwa impande yabalungileyo kayiyikuzanyazanyiswa.


Kodwa kumelwe nithi: ‘Simzingelelani, lokhu umsuka walendaba utholakele kimi na?


Uma nihlala ekukholweni nisekelwe niqinile, ningasuswa ethembeni levangeli enalizwa, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu; mina Pawulu ngenziwa isikhonzi sakho;


Noma nginesiphiwo sokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke; noma nginokukholwa konke, ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.


Ngokuba uHerode wayemesaba uJohane emazi ukuthi uyindoda elungileyo engcwele, wamgcina; kwathi emuzwa, wenza izinto eziningi, wamuzwa ngokuthokoza.


Baphuma kithi, kodwa babengesibo abakithi; ngoba uba babengabakithi, ngabe bahlala lathi;


Abasendleleni yilabo abezwayo; bese kufika uSathane, alisuse izwi ezinhliziyweni zabo, funa bakholwe, basindiswe.


Leyo eyawela emeveni yilabo abathi sebezwile, bahambe baminyaniswe yizinkathazo nengcebo nezinjabulo zalokhukuphila, bangathelisithelo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite