Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaLuka 8:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 Wathi: “Niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu, kepha kwabanye ngemifanekiso; ukuze bebona bangaboni, lokuzwa bangaqedisisi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Wathi-ke: “Niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu, kepha abanye bakuphiwa ngemifanekiso ukuba bebona bangaboni, bezwa bangaqondi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Wathi: “Nina ninikezwe ukuba nazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu, kodwa abanye batshelwa ngemizekeliso, ukuze kuthi bebona, kodwa bangabonisisi, bathi bezwa, kepha bangaqondi.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Wathi: “Niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu, kepha kwabanye ngemifanekiso; ukuze bebona bangaboni, lokuzwa bangaqedisisi.

Gade chapit la Kopi




NgokukaLuka 8:10
24 Referans Kwoze  

Wathi: “Hamba, uthi kulaba bantu: ‘Yizwani nokuzwa, kepha ningaqondi; niyabona, kepha aniboni.


Wathi kubo: “Nina niphiwe ukwazi imfihlakalo yombuso kaNkulunkulu;


Ngalesosikhathi uJesu waphendula wathi: Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu lomhlaba, ngoba ukufihlile lezizinto kwabahlakaniphileyo labaqedisisayo, wazambulela izingane;


Yizwani lokhu manje nina bantu abayiziwula eningenakuqonda; abanamehlo kodwa ababoni; abanezindlebe, bangezwa;


Kabazanga futhi kabaqedisisa, ngoba wayevale amehlo abo ukuze bangaboni; nezinhliziyo zabo, ukuze bangakwazi ukuqonda.


ukuze izinhliziyo zabo ziduduzeke, behlanganiswe othandweni, nakuyo yonke ingcebo yesiqinisekiso esigcwele sokuqonda, ekwazini imfihlakalo kaNkulunkulu, nekaYise, nekaKristu;


Kuye onamandla okuniqinisa ngokwevangeli lami nentshumayelo kaJesu Kristu ngokokwambulwa kwemfihlakalo ebifihliwe kwasekuqaleni;


UJesu waphendula wathi kuye: “Ubusisiwe wena Simoni kaJona, ngokuba inyama negazi akukwambulelanga lokhu, kodwa uBaba osezulwini.


Imfihlo kaJehova ikulabo abamesabayo; futhi uyobazisa isivumelwano sakhe.


Kodwa uJehova akaninikanga inhliziyo yokubona namehlo okubona nezindlebe zokuzwa kuze kube namuhla.


Futhi ngokungangabazeki inkulu imfihlakalo yokumesaba uNkulunkulu: UNkulunkulu wabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa kwabezizwe, wakholeka emhlabeni, wemukelwa enkazimulweni.


Kepha konke lokho kusebenza yena lowo Moya munye, ebabela yilowo nalowo ngokunye ngokuthanda kwakhe.


Uphuphuthekisile amehlo abo, wayenza lukhuni inhliziyo yabo; ukuze bangaboni ngamehlo, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise.


Ngakho-ke bheka, ngizoqhubeka ngenza umsebenzi omangalisayo phakathi kwalaba bantu, umsebenzi omangalisayo nezimangaliso, ngokuba ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo babo kuyakubhubha, nokuqonda kwabahlakaniphileyo babo kuyakufihlwa.


Ndodana yomuntu, uhlala phakathi kwendlu ehlubukayo enamehlo okubona, engaboni; banezindlebe zokuzwa, abezwa, ngokuba bayindlu edlubulundayo.


ukuze bebona babone, bangaboni; nokuzwa, bezwe, bangaqondi; funa noma nini baphenduke, bathethelelwe izono zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite