Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaLuka 4:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 UJesu waphendula wathi kuye: “Suka emva kwami, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 UJesu waphendula, wathi kuye: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.’ ”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 UJesu waphendula, wathi kuye: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze Yena yedwa.’ ”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 UJesu waphendula wathi kuye: “Suka emva kwami, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.

Gade chapit la Kopi




NgokukaLuka 4:8
14 Referans Kwoze  

Kumelwe umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, umkhonze, ufunge igama lakhe.


Kumelwe umesabe uJehova uNkulunkulu wakho; kumelwe umkhonze, futhi kumelwe unamathele kuye ufunge igama lakhe.


Khona uJesu wathi kuye: “Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.


Ngawa ngasezinyaweni zayo ukuba ngiyikhonze. Yathi kimi: “Bheka, ungakwenzi; mina ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abanobufakazi bukaJesu;


Ukuze abantu bazi ukuthi wena, ogama lakho linguJehova wedwa, ungoPhezukonke emhlabeni wonke.


Yathi kimi: “Bheka, ungakwenzi, ngokuba ngiyinceku kanye nawe, nabazalwane bakho abaprofethi, nabagcina amazwi ale ncwadi;


Ngakho zehliseleni kuNkulunkulu. Melanani noSathane, khona uyakunibalekela;


UJesu wamphendula wathi: Kulotshiwe ukuthi: Umuntu kayikuphila ngesinkwa sodwa, kodwa ngawo wonke amazwi kaNkulunkulu.


USamuweli wakhuluma kuyo yonke indlu yakwa-Israyeli, wathi: “Uma niphendukela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yenu, susani onkulunkulu babezizwe no-Ashitaroti phakathi kwenu, nilungise izinhliziyo zenu kuJehova, nimkhonze yena yedwa. Uyokusindisa esandleni samaFilisti.


melanani naye niqinile ekukholweni, nazi ukuthi zona lezi zinhlupheko ziyafezwa kubazalwane benu abasezweni.


Kodwa yena waphenduka wathi kuPetro: Suka emva kwami, Sathane;


Amehlo omuntu aphakemeyo ayakuthotshiswa, nokuzidla kwabantu kuyakuthotshiswa, kube nguJehova yedwa ophakeme ngalolo suku.


UHezekiya wakhuleka phambi kukaJehova, wathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, ohlezi phakathi kwamakherubi, wena wedwa unguNkulunkulu wemibuso yonke yomhlaba; Wenze izulu nomhlaba.


Ngakho-ke uma ungikhonza, konke kuyakuba ngokwakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite