Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaLuka 4:23 - Contemporary Zulu Bible 2024

23 Wathi kubo: “Niyakusho kimi lesi saga sokuthi: ‘Nyanga, zelaphe wena;’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Wathi kubo: “Nempela niyakusho kimi lesi saga sokuthi: ‘Nyanga, zelaphe wena.’ Lokho esikuzwile kwenziwa eKapernawume, kwenze nalapha ezweni lakini.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Wathi kubo: “Impela niyakusisho kimi lesi saga, nithi: ‘Nyanga, zelaphe wena. Lokhu esizwa ukuthi ukwenzile eKhaphernawume, kwenze phela nalapha ezweni lakini.’ ”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

23 Wathi kubo: “Niyakusho kimi lesi saga sokuthi: ‘Nyanga, zelaphe wena;’

Gade chapit la Kopi




NgokukaLuka 4:23
20 Referans Kwoze  

Wasemuka lapho, waya ezweni lakubo; labafundi bakhe bamlandela.


Wasuka eNazaretha, weza wahlala eKapernawume elisogwini lolwandle, emikhawulweni yakwaZabuloni neyakwaNafetali;


Ngakho-ke kusukela manje asisazi muntu ngokwenyama; yebo, noma sesimazi uKristu ngokwenyama, nokho kusukela manje asisamazi.


Owesifazana washiya imbiza yakhe, waya emzini, wathi ebantwini:


Ungasho kanjani kumfowenu ukuthi: ‘Mfowethu, ake ngikhiphe ucezwana olusesweni lakho,’ wena ungaluboni ugongolo olukwelakho iso, na? Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo esweni lakho, khona-ke wobona kahle ukukhipha ucezwana olusesweni lomfowenu.


Wafika eNazaretha, lapho akhulele khona; njengokwenza kwakhe wangena esinagogeni ngosuku lwesabatha, wasukuma ukuba afunde.


Esefikile ezweni lakubo wabafundisa esinagogeni labo, baze bamangala bathi: “Lo ukuthathephi lokhu kuhlakanipha nalawa mandla na?


UJesu walihamba lonke elaseGalile efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa abantu ekuguleni nasekuguleni konke.


Sebefeze konke ngokomthetho weNkosi, babuyela eGalile emzini wakubo eNazaretha.


Wehla nabo, wafika eNazaretha, wabathobela, kepha unina wawagcina onke lawo mazwi enhliziyweni yakhe.


Wehlela eKapernawume umuzi waseGalile, wabafundisa ngesabatha.


UJesu wamkhuza wathi: Thula, uphume kuye. Idemoni selimjikijele phakathi, laphuma kuye, alimlimazanga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite