Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaLuka 4:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Elingwa nguSathane izinsuku ezingamashumi amane. Ngalezo zinsuku akadlanga lutho, kwathi seziphelile walamba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 elingwa nguSathane izinsuku ezingamashumi amane. Akadlanga lutho kulezo zinsuku; seziphelile, walamba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 walingwa nguSathane izinsuku ezingama-40. Akadlanga lutho ngalezo zinsuku; kuthe seziphelile, walamba.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 elingwa nguSathane izinsuku ezingamashumi amane. Ngalezo zinsuku akadlanga lutho, kwathi seziphelile walamba.

Gade chapit la Kopi




NgokukaLuka 4:2
16 Referans Kwoze  

Wavuka, wadla, waphuza, ngamandla alokho kudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane waya eHorebe, intaba kaNkulunkulu.


Wayekhona lapho neNkosi izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; akadlanga sinkwa, akaphuzanga manzi; Waloba ezibhebheni amazwi esivumelwano, imiyalo eyishumi.


Ngokuba asinaye umpristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu; kodwa walingwa kukho konke njengathi, kodwa engenasono.


Ngokuba kulokhu wahlupheka yena elingwa, unamandla okusiza abalingwayo.


Lapho ngenyukela entabeni ukwamukela izibhebhe zamatshe, izibhebhe zesivumelwano uJehova asenza nani, ngahlala entabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, futhi angizange ngidle isinkwa, futhi angiphuzanga manzi.


Kwakukhona umthombo kaJakobe. Ngakho uJesu ekhathele ukuhamba wahlala kanjalo ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha.


Ngawa phansi phambi kukaJehova njengakuqala izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; angidlanga sinkwa, angiphuzanga manzi ngenxa yazo zonke izono zenu enone ngazo ngokwenza okubi emehlweni kaJehova ukuba nimthukuthelise.


Kwathi ebuyela emzini ekuseni, walamba.


Esezilile ukudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, wagcina walamba.


Yasimemezela, yenza ukuba kwaziwe eNineve ngomyalo wenkosi nezikhulu zayo, yathi: Makungabikho muntu nasilwane esinambitha utho; ungawavumeli adle, angaphuzi manzi.


Hamba uqoqe wonke amaJuda akhona eShushani, ningizilele, ningadli, ningaphuzi izinsuku ezintathu, ubusuku nemini. Mina nezincekukazi zami siyakuzila kanjalo; kanjalo ngiyongena enkosini, okuphambene nomthetho; futhi uma ngibhubha, ngiyabhubha.


UmFilisti wayesesondela ekuseni nakusihlwa, wamhambela izinsuku ezingamashumi amane.


Ngase ngiwa phansi phambi kukaJehova izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, lapho ngawa phansi ekuqaleni; ngokuba uJehova ushilo ukuthi uyakunibhubhisa.


UMose wangena phakathi kwefu, wenyuka entabeni; uMose wayesentabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane.


Ngiyakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe; yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.


USathane wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho kuleli tshe ukuba libe yisinkwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite