Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaLuka 21:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Niyakukhashelwa nangabazali, nabafowenu, nezihlobo, nabangane; abanye benu bayakubabulala.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Yebo, niyakukhashelwa nangabazali, nabafowenu, nezihlobo, nabangane; abanye benu bayakubulawa yibo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Impela niyakukhashelwa ngisho ngabazali, abafowenu, izihlobo nabangani; abanye benu bayakubulawa yibo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Niyakukhashelwa nangabazali, nabafowenu, nezihlobo, nabangane; abanye benu bayakubabulala.

Gade chapit la Kopi




NgokukaLuka 21:16
14 Referans Kwoze  

Uyise uyakwehlukana nendodana, nendodana noyise; unina nendodakazi, nendodakazi nonina; uninazala amelane lomalokazana wakhe, lomalokazana amelane loninazala.


Lapho livula uphawu lwesihlanu, ngabona phansi kwe-altare imiphefumulo yababulewe ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi ababenabo.


Qaphelani, kube yilowo nalowo komakhelwane bakhe, ningethembi kumfowabo, ngokuba yilowo nalowo abafowabo bayakucindezela nokuqothula, nabo bonke umakhelwane bahambe behleba.


Bona bamehlula ngegazi leWundlu langezwi lobufakazi babo; futhi abakuthandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni.


Ngiyayazi imisebenzi yakho, lalapho ohlala khona, lalapho isihlalo sikaSathane sikhona; njalo ulibambile ibizo lami, kawuphikanga ukholo lwami, langalezonsuku uAntipasi engumfakazi wami othembekileyo, owabulawa phakathi kwenu, lapho uSathane ehlala khona.


Wabulala uJakobe umfowabo kaJohane ngenkemba.


Bamkhanda ngamatshe uStefanu, ebiza uNkulunkulu, ethi: “Nkosi Jesu, yamukela umoya wami.


Kepha umfowabo uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise indodana; labantwana bayakuvukela abazali babo, bababulale.


Umfowabo uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise umntwana, nabantwana bavukele abazali babo, bababulale.


Ngokuba nabafowenu nendlu kayihlo bakhohlisile; yebo, babiza isixuku emva kwakho; ningabakholwa, noma bekhuluma amazwi amahle kini.


Ngokuba ngiyakuninika umlomo nokuhlakanipha, abangayikuphika noma ukumelana nabo bonke abamelene nani.


Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite