Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaLuka 19:44 - Contemporary Zulu Bible 2024

44 Ziyakuwisa phansi wena nabantwana bakho phakathi kwakho; kabayikutshiya ilitshe phezu kwelinye; ngoba ubungasazi isikhathi sokuhanjelwa kwakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

44 zikuwise phansi, wena nabantwana abakuwe, zingashiyi itshe phezu kwetshe phakathi kwakho, ngokuba ungasazanga isikhathi sokuhanjelwa kwakho.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

44 Zikuqumbe phansi othulini, wena nabantu abanawe; aziyukushiya litshe phezu kwelinye phakathi kwakho. Ngokuba awusazanga isikhathi sokuhanjelwa kwakho.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

44 Ziyakuwisa phansi wena nabantwana bakho phakathi kwakho; kabayikutshiya ilitshe phezu kwelinye; ngoba ubungasazi isikhathi sokuhanjelwa kwakho.

Gade chapit la Kopi




NgokukaLuka 19:44
19 Referans Kwoze  

Ngokuqondene nalezi zinto enizibonayo, kuyeza izinsuku okungayikushiywa ngazo itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.


IJerusalema lonile kakhulu; ngalokho wasuswa; bonke ababelidumisa balidelela, ngokuba babone ubunqunu balo; yebo wabubula wabuyela emuva.


nibe nenkambo enhle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi, benihleba ngathi ningabenzi bokubi, babone imisebenzi yenu emihle abayoyibona, badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.


esithi: Aluba ubusazi lawe ngalolusuku lwakho, izinto zokuthula kwakho! kepha manje zifihliwe emehlweni akho.


Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli; ngokuba ubahambele, wabahlenga abantu bakhe;


UJesu wathi kubo: “Aniziboni zonke lezi zinto na? ngiqinisile ngithi kini: Akuyikushiywa lapha itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.


Amasonto angamashumi ayisikhombisa amiselwe phezu kwabantu bakini naphezu komuzi wakho ongcwele ukuba afeze isiphambeko, aphelelise izono, enze ukubuyisana ngobubi, angenise ukulunga okuphakade, anamathelise umbono nesiprofetho, agcobe ibandla. Ngcwelengcwele.


Ngomusa kaNkulunkulu wethu; okwasihambela ngalo ukuntwela kokusa okuvela phezulu.


UJesu waphendula wathi kuye: “Uyazibona lezi zakhiwo ezinkulu na? akuyikushiywa itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.


Ngalokho iSiyoni liyakulinywa ngenxa yenu njengensimu, iJerusalema libe yizinqwaba, nentaba yendlu ibe njengeziqongo zehlathi.


Uyobusiswa lowo ophahlaza abancane bakho ematsheni.


Niyakwenzani ngosuku lokuhanjelwa nasekubhujisweni okuvela kude na? niyakubalekela kubani nifuna usizo na? futhi uyoyishiyaphi inkazimulo yakho?


Ngiyakumisa nxazonke zakho ngikuvimbezele ngentaba, ngikumisele izinqaba.


Kakuyikuba khona insali kubo, ngokuba ngiyakwehlisela okubi phezu kwabantu base-Anathoti, umnyaka wokuhanjelwa kwabo.


Futhi emva kwamasonto angamashumi ayisithupha nambili uMesiya uyobhujiswa, kodwa hhayi yena; futhi abantu besikhulu esizayo bayochitha umuzi nendlu engcwele; futhi ukuphela kwawo kuyakuba ngozamcolo, futhi kuze kube sekupheleni kwempi ukuchithwa kumisiwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite