Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaLuka 18:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 UmFarisi wema wazikhulekela ngokuthi: “Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuba ngingenjengabanye abantu, abaphangi, abangalungile, iziphingi, nanjengalo mthelisi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 UmFarisi wema wazikhulekela ngokuthi: ‘Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuba ngingenjengabanye abantu: izigcwelegcwele, abangalungile, iziphingi, nanjengalo mthelisi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 UmFarisi wema, wakhuleka wathi: ‘Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuba ngingenjengabo abanye abantu: izigebengu, izikhohlakali, iziphingi, nanjengalo mthelisi.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 UmFarisi wema wazikhulekela ngokuthi: “Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuba ngingenjengabanye abantu, abaphangi, abangalungile, iziphingi, nanjengalo mthelisi.

Gade chapit la Kopi




NgokukaLuka 18:11
26 Referans Kwoze  

Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bathanda ukukhuleka bemi emasinagogeni nasemakhoneni ezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo.


Ngokuba uthi: Ngicebile, ngicebile, angisweli lutho; kanti kawazi ukuthi ulusizi, lolusizi, lompofu, lesiphofu, njalo uhamba ze;


abathi: Yima wena, ungasondeli kimi; ngokuba mina ngingcwele kunawe. Kungumusi emakhaleni ami, umlilo ovutha usuku lonke.


Kodwa uthi: Ngoba ngimsulwa, isibili ulaka lwakhe luzasuka kimi. Bheka, ngiyakulwa nawe, ngokuba uthi: Angonanga.


Nxa nimi nikhuleka, thethelelani, uma ninamagqubu nomunye, ukuze noYihlo osezulwini anithethelele iziphambeko zenu.


Ngokuba bonke abemisebenzi yomthetho baphansi kwesiqalekiso, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abangahlali kukho konke okulotshiweyo encwadini yomthetho, ukuba bakwenze.


abadla izindlu zabafelokazi, nangokuzenzisa benza imithandazo emide; labo bayakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.


Izinhloko zalo zahlulela ngenjongo yokuthola umvuzo, nabapristi balo bafundisa ngenjongo yokuthola umvuzo, nabaprofethi balo baprofetha ngenjongo yemali; nokho bayakwencika kuJehova, bathi: “Akakho uJehova phakathi kwethu na? akukho okubi okungasehlela.


Beza kuwe njengokuza kwabantu, bahlale phambi kwakho njengabantu bami, bezwe amazwi akho, kepha bangawenzi; ngoba ngomlomo wabo batshengisa uthando olukhulu, kodwa inhliziyo yabo ilandela ukuhaha kwabo.


Baphi onkulunkulu bakho ozenzele bona na? mabasukume uma bengakusindisa ngesikhathi sokuhlupheka kwakho; ngoba njengomumo wemizi yakho banjalo onkulunkulu bakho, Juda!


Kepha bayangifuna imihla ngemihla, bajabulela ukwazi izindlela zami njengesizwe esenza ukulunga, esingashiyi ukwahlulela kukaNkulunkulu waso; izimiso zomthetho bazicela Kimi; bayakujabulela ukusondela kuNkulunkulu.


Nina enimi endlini kaJehova, emagcekeni endlu kaNkulunkulu wethu,


(Ihubo lamabanga.) Bhekani, dumisani uJehova nina nonke zinceku zikaJehova enimi endlini kaJehova ebusuku.


ngokushisekela ngizingela ibandla; mayelana nokulunga okusemthethweni, ngingenacala.


Uma nelula izandla zenu, ngiyakuwafihla amehlo ami kini; yebo, uma nikhuleka kakhulu, angiyikuzwa; izandla zakho zigcwele igazi.


Abantu abaningi bayakumemezela okuhle, kube yilowo nalowo, kepha ngubani ongafumana umuntu othembekileyo na?


Kukhona isizukulwane esihlambulukile emehlweni aso, kodwa esingagezwanga ekungcoleni kwaso.


Ngokuba ngithi kini: Uma ukulunga kwenu kungadluli okwababhali nokwabaFarisi, anisoze nangena embusweni wezulu.


uFiliphu, loBartolomewu; uTomase, noMathewu umthelisi; uJakobe ka-Alfewu, noLebewu othiwa futhi uThadewu;


Yena wahlehla kubo okungaba yibanga lokuphonswa kwetshe, waguqa ngamadolo, wakhuleka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite