Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaLuka 18:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Wayesebatshela nomfanekiso wokuthi kufanele bakhuleke njalo, bangadangali;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Wabalandisa umfanekiso wokuthi bamelwe ukukhuleka njalo, bangadangali.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 UJesu wayesebalandisa umzekeliso, ebafundisa ukuthi kufanele bakhuleke njalo, bangadangali.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Wayesebatshela nomfanekiso wokuthi kufanele bakhuleke njalo, bangadangali;

Gade chapit la Kopi




NgokukaLuka 18:1
26 Referans Kwoze  

Qhubekani nikhuleka, nilinde kukho ngokubonga;


Jabulani ethembeni; ubekezele osizini; niqinise emthandazweni;


Ningakhathazeki ngalutho; kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.


ngokukhuleka konke nokunxusa nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya, nikulinde ngokubekezela okukhulu nokunxusela abangcwele bonke;


Khona niyakungibiza, nihambe, nikhuleke kimi, ngiyakunilalela;


Ngakho lindani njalo, likhuleke, ukuze kuthiwe lifanele ukuphunyuka kuzo zonke lezizinto eziyakwenzeka, lokuma phambi kweNdodana yomuntu.


Masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.


Yiba nomusa kimi, Nkosi, ngokuba ngikhala kuwe imihla yonke.


Uyawuhlonipha umkhuleko wabampofu, angawudeleli umthandazo wabo.


Ngakho lokhu sinale nkonzo, njengokuba sihawukelwe, asidangali;


Uyakhonza kini u-Ephafra ongomunye wakini, inceku kaKristu, enilwela njalo emikhulekweni, ukuze nime niphelele niphelele entandweni yonke kaNkulunkulu.


Lapho umphefumulo wami uphela amandla phakathi kwami, ngacabanga ngoJehova, umkhuleko wami wafika kuwe ethempelini lakho elingcwele.


Wena ozwa umkhuleko, inyama yonke izakuza kuwe.


Ngaphela amandla, ngaphandle kokuthi ngikholwe ukuthi ngizakubona okuhle kukaJehova elizweni labaphilayo.


Kepha abamethembayo uJehova bathola amandla amasha; bayakukhuphuka ngamaphiko njengezinkozi; bayogijima bangakhathali; futhi bayohamba bangadangali.


Futhi ningamniki ukuphumula, aze alimise iJerusalema, alenze libe yindumiso emhlabeni.


Kwathi esakhuleka phambi kukaJehova, u-Eli uyaqaphela umlomo wakhe.


Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyaphiwa; nalowo ofunayo uyathola; lalowo oqoqodayo uzavulelwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite