Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaLuka 12:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kepha ngiyakunibonisa eniyakumesaba: Mesabeni lowo othi esebulele abe namandla okuphonsa esihogweni; yebo, ngithi kini: Mesabeni yena.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kodwa ngiyakunitshengisa eniyakumesaba: Mesabeni lowo othi esebulele, abe namandla okuphonsa esihogweni. Yebo, ngithi kini: Mesabeni lowo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Kepha-ke ngizakunitshengisa okufanele nimesabe. Mesabeni lo othi esebulele, abuye abe namandla okuphonsa esihogweni. Impela, ngithi kini: mesabeni lowo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Kepha ngiyakunibonisa eniyakumesaba: Mesabeni lowo othi esebulele abe namandla okuphonsa esihogweni; yebo, ngithi kini: Mesabeni yena.

Gade chapit la Kopi




NgokukaLuka 12:5
16 Referans Kwoze  

Ngokuba uma uNkulunkulu engaziyekanga izingelosi ezonayo, kepha waziphonsa esihogweni, wazinikela emaketangeni obumnyama, zigcinelwe ukwahlulelwa;


Ningabesabi ababulala umzimba, bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.


Lithi ngezwi elikhulu: Mesabeni uNkulunkulu, nimnike inkazimulo; ngokuba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile, nikhuleke kuye owenza izulu, nomhlaba, nolwandle, nemithombo yamanzi.


Kuyesabeka ukuwela ezandleni zikaNkulunkulu ophilayo.


Ababi bayakuphendulelwa endaweni yabafileyo, nezizwe zonke ezikhohlwa uNkulunkulu.


Ekumesabeni uJehova kukhona ithemba elinamandla, nabantwana bakhe bayakuba nesiphephelo.


Ukufa nesihogo kwaphonswa echibini lomlilo. Lokhu kungukufa kwesibili.


ukuze kungabi khona oweqa umfowabo kunoma iyiphi indaba, ngokuba iNkosi ingumphindiseli wakho konke lokho, njengalokho sanixwayisa futhi safakaza.


Khona iyakuthi nakwabangakwesokhohlo: Sukani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe;


Ngubani ongayikukwesaba, Nkosi, adumise igama lakho, na? ngokuba wena wedwa ungcwele, ngokuba zonke izizwe ziyakuza, zikhuleke phambi kwakho; ngoba izahlulelo zakho zibonakalisiwe.


Kodwa mina ngithi kini: Loba ngubani othukuthelela umfowabo kungelasizatho uzakuba lecala lokwahlulelwa, njalo loba ngubani othi kumfowabo: Raca, uzakuba lecala lomphakathi; uzakuba sengozini yesihogo somlilo.


Aningesabi na? usho uJehova, uthi: “Aniyikuthuthumela phambi kwami, mina engabeka isihlabathi emkhawulweni wolwandle ngomyalo waphakade ukuba lungedlule kuwo; uma zibhonga, azinakudlula na?


Laba bayakumuka ekujezisweni okuphakade, kepha abalungileyo baye ekuphileni okuphakade.


Ngubani ongekwesabe, Nkosi yezizwe? ngoba ingeyakho, ngoba phakathi kwabo bonke abahlakaniphileyo bezizwe lemibuso yabo yonke kakho onjengawe.


Kepha qaphelani nina; bhekani, nginitshele konke ngaphambili.


Ngenxa yamaKaledi, ngokuba ayewesaba, u-Ishmayeli indodana kaNethaniya wabulala uGedaliya indodana ka-Ahikamu, inkosi yaseBabele eyayimmisile ukuba abe ngumbusi ezweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite