Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaLuka 12:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kusenjalo sekubuthene ixuku labantu, baze banyathelana, waqala ukuthi kubafundi bakhe kuqala: “Xwayani imvubelo yabaFarisi engukuzenzisa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi sezibuthene izigidi zabantu baze banyathelana, waqala ukukhuluma, ikakhulu kubafundi bakhe, ethi: “Xwayani imvubelo yabaFarisi engukuzenzisa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Ngaleso sikhathi kwabuthana izindimbane zabantu, zaze zanyathelana; uJesu wayeseqala ukukhuluma kubafundi bakhe, ethi: “Xwayani imvubelo yabaFarisi engukuzenzisa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Kusenjalo sekubuthene ixuku labantu, baze banyathelana, waqala ukuthi kubafundi bakhe kuqala: “Xwayani imvubelo yabaFarisi engukuzenzisa.

Gade chapit la Kopi




NgokukaLuka 12:1
18 Referans Kwoze  

Ngakho lahlani ububi bonke, nobuqili bonke, nokuzenzisa, nomhawu, nakho konke ukuhleba;


Kepha ukuhlakanipha kwaphezulu okokuqala kuhlanzekile, bese kuba-nokuthula, nokumnene, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle, akunabandlululo, nokungazenzisi.


Bazenzisi, niyakwazi ukubona ubuso bezulu nomhlaba; kodwa kungani lingaqedisisi lesisikhathi?


Kepha abazenzisi benhliziyo babutha ulaka; abakhali uma Ebabopha.


Ngoba liyini ithemba lomzenzisi, lanxa ezuza, uba uNkulunkulu esusa umphefumulo wakhe?


Ukuthi ukunqoba kwababi kufitshane, intokozo yabazenzisi ngokomzuzwana nje?


Inkosi yayisibeka inkosi eyencike esandleni sayo ukuba ilawule isango; abantu bamnyathela esangweni, wafa njengokusho komuntu kaNkulunkulu owakhuluma ekufikeni kwenkosi kuye.


Ngokuba kuqala kunakho konke nganinika lokho engakwamukela nami, ukuthi uKristu wafela izono zethu njengokwemibhalo;


Sebezwile bayidumisa iNkosi, bathi kuye: “Uyabona, mfowethu, ukuthi zingaki izigidi zabakholwayo abaJuda; futhi bonke bashisekela umthetho;


Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngokuba ninjengamathuna angabonakali, nabantu abahamba phezu kwawo bengawazi.


Wehla nabo, wema ethafeni, nesixuku sabafundi bakhe, nesixuku esikhulu sabantu abavela kulo lonke elaseJudiya neJerusalema, nasogwini lolwandle lwaseTire neSidoni, abeza ukuzomuzwa, bamlalele. Ukuphulukiswa ezifweni zabo;


Kodwa kwayikhona udumo lwakhe lwanda, kwabuthana izixuku ukuzolalela nokuphulukiswa nguye ezifweni zazo.


Kwathi isixuku simcindezela ukuba sizwe izwi likaNkulunkulu, wayemi ngaselwandle lwaseGenesaretha.


Izoni eZiyoni ziyesaba; ukwesaba kwabamangaza abazenzisi. Ngubani phakathi kwethu ozohlala emlilweni oqothulayo? ngubani phakathi kwethu oyohlala emlilweni ophakade na?


Kepha nize entabeni yaseSiyoni, nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, naseviyo lezingelosi ezingenakubalwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite