Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaLuka 11:42 - Contemporary Zulu Bible 2024

42 Kodwa maye kini baFarisi! Ngokuba ninikela okweshumi kweminti neruwe nemifino yonke, ningakunaki ukwahlulela nothando lukaNkulunkulu;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

42 “Kodwa maye kinina baFarisi, ngokuba nithela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokwemifino yonke, ninganaki ukulunga nokumthanda uNkulunkulu! Benimelwe ukwenza lokhu, ningakuyeki nalokho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

42 “Kepha, maye, kini baFarisi, ngokuba nikhipha okweshumi kweshaladi nopelepele, nazo zonke izinhlobo zemifino, kodwa nibushaya indiva ubulungiswa nokuthanda uNkulunkulu. Lokho-ke bekufanele nikwenze, kodwa ningaziyeki nezinye.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

42 Kodwa maye kini baFarisi! Ngokuba ninikela okweshumi kweminti neruwe nemifino yonke, ningakunaki ukwahlulela nothando lukaNkulunkulu;

Gade chapit la Kopi




NgokukaLuka 11:42
22 Referans Kwoze  

Maye kini, babhali nabaFarisi, bazenzisi! Ngokuba nikhokha okweshumi kweminti, neanise, nekhumini, kepha niyeke okubaluleke kakhulu zomthetho, ukwahlulela, nesihawu, nokukholwa;


Ngizila ukudla kabili ngeviki, nginikela okweshumi kwakho konke enginakho.


Uma umuntu ethi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu,” kepha ezonda umzalwane wakhe, ungumqambimanga;


Umuntu angaphanga uNkulunkulu na? Nokho wangiphanga. Kodwa nithi: “Sikuphange ngani na? Kweshumi neminikelo.


Ukwazisile wena muntu, okuhle; UJehova ufunani kuwe ngaphandle kokuba wenze ukulunga nokuthanda uthando, uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka na?


Ukwenza ukulunga nokwahlulela kuyemukeleka kuJehova kunemihlatshelo.


Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngokuba nifana namathuna acakiwe, abonakala emahle ngaphandle, kepha ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke.


USamuweli wasesithi: I Nkosi iyayithokozela yini iminikelo yokutshiswa lemihlatshelo ukwedlula ukulalela ilizwi le Nkosi? Bheka, ukulalela kungcono kunomhlatshelo, nokulalela kungcono kunamanoni ezinqama.


Kepha ngiyanazi ukuthi aninalo uthando lukaNkulunkulu phakathi kwenu.


Kodwa maye kini, babhali labaFarisi, bazenzisi! ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu, ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukuba bangene.


Nimkhathazile uJehova ngamazwi enu. Kodwa nithi: Simdinise ngani? Uma nithi: “Bonke abenza okubi bahle emehlweni kaJehova, uyajabula ngabo; noma: Uphi uNkulunkulu wokwahlulela na?


Indodana ihlonipha uyise, nenceku inkosi yayo; uma ngingubaba, kuphi ukudunyiswa kwami? uma ngiyinkosi, kuphi ukwesatshwa kwami na? usho uJehova Sebawoti kini, nina bapristi, enidelela igama lami. Futhi nithi: Silidelele ngani igama lakho?


Kuhle ukulibamba; yebo, ungasihoxisi isandla sakho kulokhu, ngokuba lowo omesabayo uNkulunkulu uyophuma kukho konke.


Futhi kumelwe silethe ulibo lwenhlama yethu neminikelo yethu nezithelo zazo zonke izinhlobo zemithi, iwayini namafutha kubapristi emakamelweni endlu kaNkulunkulu wethu; nokweshumi kwezwe lethu kumaLevi, ukuze wona amaLevi athole okweshumi emizini yonke esilinywayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite