Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaLuka 1:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Babengenamntwana, ngokuba u-Elisabethe wayeyinyumba, futhi base bekhulile bobabili.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kepha babengenamntwana, ngokuba u-Elisabethe wayeyinyumba; bobabili base bekhulile.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Kepha babengenamntwana, ngokuba u-Elizabethe wayeyinyumba, futhi bobabili base bekhulile.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Babengenamntwana, ngokuba u-Elisabethe wayeyinyumba, futhi base bekhulile bobabili.

Gade chapit la Kopi




NgokukaLuka 1:7
16 Referans Kwoze  

Ngokukholwa naye uSara uqobo wathola amandla okukhulelwa, esedlulelwe yisikhathi, wabeletha, ngokuba wathi ukholekile owethembisileyo.


Yayinabafazi ababili; igama lomunye lalinguHana, igama lomunye lalinguPhenina; uPhenina wayenabantwana, kepha uHana wayengenamntwana.


U-Abrahama noSara base bebadala, sebekhulile; kwase kunqamuka ukuba kuSara njengabesifazane.


U-Isaka wamkhulekela umkakhe kuJehova, ngokuba wayeyinyumba; uRebeka umkakhe wakhulelwa.


Wathi: “Pho, kumelwe enzeni na?” UGehazi wasesithi: Khangela, kalamntwana, lendoda yakhe isiluphele;


U-Abrahama wawa ngobuso bakhe, wahleka, wathi enhliziyweni yakhe: “Oneminyaka eyikhulu uyakuzalelwa na? noSara oneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye uyakuzala na?


Ngokuba engabuthakathaka ekukholweni, akawunakanga umzimba wakhe owawusufile, eseneminyaka engaba yikhulu, noma ukufa kwesizalo sikaSara;


Inkosi uDavide yayimdala, ineminyaka eminingi; bamembesa izingubo, kepha akabanga nakufudumala.


URaheli esebonile ukuthi akamzaleli uJakobe abantwana, uRaheli waba nomhawu ngodadewabo; wathi kuJakobe: “Nginike abantwana bami, funa ngife.”


Emihleni kaHerode inkosi yaseJudiya kwakukhona umpristi othile ogama lakhe linguZakariya, owesigaba sika-Abiya, nomkakhe engowamadodakazi ka-Aroni, igama lakhe kungu-Elisabethe.


Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi bengasoleki.


Kwasekusithi esenza inkonzo yobupristi phambi kukaNkulunkulu ngehlelo lesigaba sakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite