Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 9:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

15 UJesu wathi kubo: “Abendlu yomyeni bangalila yini, umyeni enabo na? kodwa ziyakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo, khona-ke bezakuzila.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 UJesu wathi kubo: “Abayeni bangalila yini, umyeni enabo na? Kodwa kuzakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona-ke bezakuzila.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 UJesu wathi kubo: “Ikhetho lingalila yini umyeni esenalo na? Kepha ziyeza izinsuku lapho umyeni eyakususwa kulo; kulapho-ke lizakuzila khona.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 UJesu wathi kubo: “Abendlu yomyeni bangalila yini, umyeni enabo na? kodwa ziyakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo, khona-ke bezakuzila.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 9:15
22 Referans Kwoze  

Yathi kimi: “Loba ukuthi: Babusisiwe abamenyelwe esidlweni somshado weWundlu. Yathi kimi: Lawa angamazwi kaNkulunkulu aqinisileyo.


Lowo onomakoti ungumyeni; kepha umngane womyeni, omiyo emuzwa, uthokoza kakhulu ngezwi lomyeni; ngakho lokhu kujabula kwami kugcwalisekile.


Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela kuNkulunkulu ezulwini, ulungisiwe njengomlobokazi ohlotshiselwe umyeni wakhe.


Sebebamisele abadala ebandleni ngebandla, bakhuleka nokuzila ukudla, babanikela eNkosini abakholwa yiyo.


Lingagodlelani, ngaphandle kokuthi kube kukuvumelana okwesikhathi, ukuze lizinikele ekuzileni ukudla lekukhulekweni; nibuye nihlangane, ukuze uSathane anganilingi ngokungazithibi kwenu.


Kodwa ngokuba ngikhulume lokho kini, usizi lugcwele enhliziyweni yenu.


Ngalolo suku iNkosi uJehova Sebawoti yabiza ukukhala, nokulila, nempandla, nokubhinca izingubo zokulila.


Ekukhandlekeni nasezinhlungwini, nasekulindeni kaningi, endlaleni nasekomeni, nasekuzileni ukudla kaningi, emakhazeni nasekuhambeni-ze.


Khona beza kuye abafundi bakaJohane, bathi: “Kungani thina nabaFarisi sizila kaningi, kepha abafundi bakho abazili na?


Akakho obekela isiziba sendwangu entsha engutsheni endala;


UJesu wathi kubo: “Abendlu yomyeni bangazila yini ukudla, umyeni esenabo na? inqobo nje uma umyeni ekanye nabo, abanakuzila ukudla.


Kodwa zizakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona-ke bezakuzila ngalolo suku.


Wathi kubo: Ningabazilisa yini abantwana bomyeni, umyeni esenabo na?


Kodwa zizafika insuku, lapho umyeni ezakususwa kubo;


Wayesethi kubafundi bakhe: “Kuyakufika izinsuku, lapho niyakufisa ukubona lube lunye lwezinsuku zeNdodana yomuntu, kepha aniyikulubona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite