Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 7:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngokuba isango lincane, nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni, bambalwa abayitholayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Kepha isango lincane nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni; bayingcosana abayifumanayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Kepha isango lincane nendlela ingumngcingo eholela ekuphileni; bayingcosana abayifumanayo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Ngokuba isango lincane, nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni, bambalwa abayitholayo.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 7:14
27 Referans Kwoze  

Ngokuba baningi ababiziweyo, kepha bayingcosana abakhethiweyo.


Ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibentsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu enhle, neyamukelekayo, nepheleleyo.


Kuyakuba khona umgwaqo omkhulu nendlela, futhi iyobizwa ngokuthi, indlela yobungcwele; ongcolileyo angadluli phezu kwayo; kepha kuyakuba ngabo: abahambayo, nakuba beyiziwula, abayikuduka ngakho.


Wasebizela kuye ixuku kanye labafundi bakhe, wathi kubo: Loba ngubani ofuna ukungilandela, kazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.


beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebakhuthaza ukuthi bahlale ekukholweni, lokuthi simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngokuhlupheka okukhulu.


Ngihamba endleleni yokulunga, phakathi kwemikhondo yokulunga.


Izindlebe zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho lithi: Nansi indlela, hambani ngayo, lapho niphambuka ngakwesokunene, nalapho niphambuka ngakwesokhohlo.


Lezizinto ngizikhulume kini ukuze libe lokuthula kimi. Ezweni niyakuba nosizi, kepha yimani isibindi; mina ngilinqobile izwe.


Kanjalo abokugcina bayakuba ngabokuqala, nabokuqala babe ngabokugcina, ngokuba baningi ababiziweyo, kepha bayingcosana abakhethiweyo.


Usho kanje uJehova, uthi: “Yimani ezindleleni, nibuke, nibuze ngezindlela zakudala, iphi indlela enhle, nihambe ngayo, niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu. Kodwa bathi: Asiyikuhamba ngayo.


Ningesabi, mhlambi omncane; ngoba kuyintokozo kuYihlo ukulinika umbuso.


futhi lizakuthi: Qumbani, fumbathani, lungisani indlela, susani isikhubekiso endleleni yabantu bami.


Ngani na? Ngoba kabakufunanga ngokukholwa, kodwa ngokungathi ngemisebenzi yomthetho. Ngokuba bakhubeka etsheni lesikhubekiso;


Bazalixotsha emasinagogeni; yebo, isikhathi siyeza, lapho wonke olibulalayo uzakuthi ukhonza uNkulunkulu.


Uzangitshengisa indlela yokuphila; phambi kobuso Bakho kugcwele intokozo; ngakwesokunene sakho kukhona okuthokozisayo kuze kube phakade.


Ngenani ngesango elincane, ngokuba libanzi isango, nendlela ibanzi eyisa ekubhujisweni, baningi abangena ngayo;


Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite