Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 6:30 - Contemporary Zulu Bible 2024

30 Ngakho-ke, uma uNkulunkulu embesa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, futhi kusasa buphonswe eziko, akayikunembathisa kakhulu nina eninokukholwa okuncane na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, akayikunembathisa kakhulu nina eninokukholwa okuncane na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

30 Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, akayukunembathisa yini kakhulu nina eninokukholwa okuncane na?

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

30 Ngakho-ke, uma uNkulunkulu embesa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, futhi kusasa buphonswe eziko, akayikunembathisa kakhulu nina eninokukholwa okuncane na?

Gade chapit la Kopi




Mathewu 6:30
15 Referans Kwoze  

Uma uNkulunkulu embesa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, kusasa buphonswe eziko; kakhulu kangakanani anigqokisa nina eninokukholwa okuncane na?


Khona masinyane uJesu welula isandla, wambamba, wathi kuye: “Wena onokukholwa okuncane, ungabazeleni na?


Ngokuba yonke inyama injengotshani, nenkazimulo yonke yomuntu injengembali yotshani. Utshani buyabuna, nembali yabo iyavuthuluka;


Ekwazi uJesu wathi kubo: “O nina eninokukholwa okuncane, nikhulumelani phakathi kwenu ngokuthi ningaphathanga izinkwa na?


Wathi kubo: “Nesabelani nina bokukholwa okuncane na? Wasevuka, wayikhuza imimoya nolwandle; kwaba khona ukuthula okukhulu.


Khona wathi kuTomase: Letha lapha umunwe wakho, ubone izandla zami; letha isandla sakho, usifake ohlangothini lwami, ungabi ngongakholwayo, kodwa okholwayo.


Wathi kubo: “Nesabani kangaka na? Kanjani ukuba ningabi nalukholo?


Xwayani, bazalwane, ukuba kungabikho kinina kini inhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa uNkulunkulu ophilayo.


UJesu waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani, nginibekezelela na? Letha lapha indodana yakho.


Wasephendula wathi kuye: O sizukulwane esingakholwayo, koze kube nini nginani? koze kube nini nginibekezelela? mletheni kimi.


UJesu waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani na? koze kube nini nginibekezelela? mletheni lapha kimi.


Lapho ababi behluma njengotshani, nalapho bonke abenzi bobubi behluma; kungukuthi bayobhujiswa phakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite