Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 5:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Babusisiwe abalilayo, ngokuba bayakududuzwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Babusisiwe abakhalayo, ngokuba bayakududuzwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Babusisiwe abakhalayo, ngokuba bayakududuzwa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Babusisiwe abalilayo, ngokuba bayakududuzwa.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 5:4
34 Referans Kwoze  

UNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona, nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.


Ngizibonile izindlela zakhe futhi ngizomphulukisa; futhi ngizomqondisa futhi ngibuyisele induduzo kuye nakubo abalilayo.


Nibusisiwe nina enilambile manje, ngokuba niyakusuthiswa. Nibusisiwe nina enikhalayo manje, ngokuba nizakuhleka.


Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni, ngokuba lapho esevivinyiwe uyakwamukeliswa umqhele wokuphila iNkosi ewuthembisile kwabayithandayo.


Uyakushwabadela ukufa ngokunqoba; iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke; futhi usongo lwabantu bayo iyoyisusa emhlabeni wonke, ngoba uJehova ukukhulumile.


Thokozani kanye neJerusalema, nithokoze kanye nalo, nina nonke enilithandayo; jabulani kanye nalo, nonke abalilelayo.


UJehova wathi kuye: “Dabula phakathi kwedolobha, phakathi kweJerusalema, ubeke uphawu emabunzini abantu ababubulayo nabakhalayo ngenxa yazo zonke izinengiso ezenziwa phakathi kwawo.”


Abahlengiweyo bakaJehova bayakubuya, beze eSiyoni behlabelela, benokuthokoza okuphakade emakhanda abo; ukujabula nokuthokoza kuyakutholwa, kubaleke usizi nokububula.


Ngokuba izizwe ziyakuhlala eSiyoni eJerusalema; ungabe usakhala; uma ekuzwa, uyakuphendula.


Kepha u-Abrahama wathi: “Ndodana, khumbula ukuthi wamukela okuhle kwakho usesekuphileni, noLazaru ngokunjalo nokubi;


Kodwa labo abababalekelayo bayakubalekela, babe sezintabeni njengamajuba aphuma ezigodini, bonke belila, kube yilowo nalowo ngenxa yobubi bakhe.


Maye kini enisuthi! ngoba nizakulamba. Maye kinina enihlekayo manje! ngokuba niyakulila, nikhale.


Ngalolosuku uyakuthi: Jehova, ngiyakukubonga; nakuba wawungithukuthelele, intukuthelo yakho yaphenduka futhi wangiduduza.


Wathi kowesifazane: “Ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba ngokuthula.


Wema ngasezinyaweni zakhe emva kwakhe ekhala, waqala ukugeza izinyawo zakhe ngezinyembezi, wazesula ngezinwele zekhanda lakhe, wanga izinyawo zakhe, wazigcoba ngamafutha.


Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nokunxusa; futhi bayongibheka mina abangigwazayo, futhi bayomlilela njengoba nje umuntu elilela indodana yakhe eyodwa, futhi bayoba munyu kuyo, njengomuntu omunyu ngenxa yezibulo lakhe.


Ngokuba zonke lezi zinto zenziwe yisandla sami, futhi zonke lezi zinto zenzekile, kusho uJehova; kepha lo ngiyakumbheka ompofu nobuthakathaka emoyeni, othuthumela ngezwi lami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite