Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 4:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 USathane wayesemthatha wamyisa emzini ongcwele, wammisa esiqongweni sethempeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Khona uSathane wamthatha, wamyisa emzini ongcwele, wammisa esiqongweni sethempeli,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 USathane wamthatha, wamyisa emzini ongcwele, wammisa esiqongweni sethempeli,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 USathane wayesemthatha wamyisa emzini ongcwele, wammisa esiqongweni sethempeli.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 4:5
11 Referans Kwoze  

Wamyisa eJerusalema, wammisa esiqongweni sethempeli, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi usuka lapha;


Kepha igceke elingaphandle kwethempeli ulishiye ngaphandle, ungalilinganisi; ngokuba linikiwe abezizwe, nomuzi ongcwele bayakuwunyathela phansi izinyanga ezingamashumi amane nambili.


baphuma emathuneni emva kokuvuka kwakhe bangena emzini ongcwele, babonakala kwabaningi.


Ngoba bazibiza ngabomuzi ongcwele futhi bahlala kuNkulunkulu kaIsrayeli; NguJehova Sebawoti igama lakhe.


UJesu waphendula wathi: “Ungeke ube namandla neze phezu kwami, uma ungawanikwanga evela phezulu;


Amasonto angamashumi ayisikhombisa amiselwe phezu kwabantu bakini naphezu komuzi wakho ongcwele ukuba afeze isiphambeko, aphelelise izono, enze ukubuyisana ngobubi, angenise ukulunga okuphakade, anamathelise umbono nesiprofetho, agcobe ibandla. Ngcwelengcwele.


O Jehova, ngokuvumelana nakho konke ukulunga kwakho, makususwe intukuthelo yakho nolaka lwakho emzini wakho iJerusalema, intaba yakho engcwele, ngenxa yezono zethu nangenxa yobubi bawokhokho bethu iJerusalema nabantu bakho. Ihlazo kubo bonke abaphezu kwethu.


Vuka, vuka; Gqoka amandla akho, Ziyoni. Gqoka izingubo zakho ezinhle, Jerusalema, muzi ongcwele, ngokuba kusukela manje kuqhubeke abangasokile nabangcolileyo abasayikungena kuwe.


Onke amaLevi emzini ongcwele ayengamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili nane.


Izikhulu zabantu zazihlala eJerusalema; abanye abantu benza inkatho yokubeka oyedwa kwabayishumi ukuba ahlale eJerusalema, umuzi ongcwele, nezabelo eziyisishiyagalolunye kweminye imizi.


Umpheme owawuphambi kwendlu, ubude bawo babulingana nobubanzi bendlu, buyizingalo ezingamashumi amabili, nokuphakama kwawo kwakuyikhulu namashumi amabili; walinameka ngaphakathi ngegolide elicwengekileyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite