Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 3:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 wathi: Phendukani, ngoba umbuso wezulu ususondele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele!”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 ethi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele!

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 wathi: Phendukani, ngoba umbuso wezulu ususondele.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 3:2
61 Referans Kwoze  

Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokuthi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.


Wathi: “Isikhathi sigcwalisekile, nombuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe ivangeli.


Futhi ezinsukwini zala makhosi uNkulunkulu wezulu uyovusa umbuso ongayikuchithwa phakade; umbuso awuyikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuphahlaza, uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume phakade.


Kutshunyayelwe ebizweni lakhe ukuphenduka lokuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema.


Umbuso wakho mawufike. Mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.


Ngokuba ukudabuka okuya ngokukaNkulunkulu kuveza ukuphendukela ekusindisweni okungaphenduki kukho, kepha ukudabuka kwezwe kuveza ukufa.


Ekuhambeni kwenu shumayelani nithi: ‘Umbuso wezulu ususondele.’


Ngakho-ke phendukani, niguquke, ukuze kusulwe izono zenu, ukuze kufike izikhathi zokuhlunyelelwa zivela ebusweni beNkosi;


Kanjalo, ngithi kini: Kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.


Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha ngokunjalo nonke.


Kepha uma ngikhipha amademoni ngomunwe kaNkulunkulu, umbuso kaNkulunkulu usufikile kini.


INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi ukulibala; kodwa uyasibekezelela, engathandi ukuthi kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.


Nezikhathi zokungazi uNkulunkulu wazishaya indiva; kepha manje uyala abantu bonke ezindaweni zonke ukuba baphenduke;


Sebezwile lezizinto bathula, bamdumisa uNkulunkulu, besithi: Ngakho uNkulunkulu unikile labezizwe ukuphendukela ekuphileni.


UPetru wayesethi kubo: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono, khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.


Waphakamisela amehlo akhe kubafundi bakhe, wathi: “Manibusiswe nina bampofu, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowenu.


Wayesethi kubo: “Ngakho wonke umbhali ofundisiwe embusweni wezulu ufana nomuntu umninindlu okhipha engcebweni yakhe izinto ezintsha nezindala.


Futhi umbuso wezulu ufana nenetha elaphonswa olwandle, labutha zonke izinhlobo;


Wakhuluma kubo omunye umfanekiso; Umbuso wezulu ufana nemvubelo, ayithatha owesifazane, wayifaka ezilinganisweni ezintathu zempuphu, kwaze kwabila yonke.


Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle, ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona; bhekani, lapha kukhona omkhulu kunoJona.


Ubayala ngobumnene labo abamelana labo; uma mhlawumbe uNkulunkulu ebanika ukuphenduka ekulazini iqiniso;


owasikhulula emandleni obumnyama, wasesisa embusweni weNdodana yakhe ethandekayo;


ngifakaza kubaJuda nakumaGreki ukuphendukela kuNkulunkulu, nokukholwa eNkosini yethu uJesu Kristu.


Ngithi kini: Kanjalo kuyakuba khona ukuthokoza ezulwini ngesoni sisinye esiphendukayo, kunabalungileyo abangamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye abangadingi kuphenduka.


Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha ngokunjalo nonke.


Wabathuma ukuthi bashumayele umbuso kaNkulunkulu, baphulukise abagulayo.


Basebephuma batshumayela ukuthi abantu baphenduke.


UJohane wabhapathiza ehlane, eshumayela umbhapathizo wokuphenduka kukho ukuthethelelwa kwezono.


Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.


Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.


Wothi kubo: Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, kangithokozi ngokufa komubi; kodwa ukuthi omubi aphenduke endleleni yakhe nokuphila. Ngoba lizafelani lina ndlu kaIsrayeli?


Ngakho ngiyazenyanya futhi ngiyazisola othulini nasemlotheni.


Ngamnika isikhathi sokuthi aphenduke ebufebeni bakhe; futhi kaphendukanga.


Wababekela omunye umfanekiso, wathi: “Umbuso wezulu ufana nembewu yesinaphi, ayithabatha umuntu, wayihlwanyela ensimini yakhe;


Waphendula, wathi kubo: “Ngokuba niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu, kepha bona kabakuphiwanga.


Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu lokulunga kwakhe; futhi zonke lezi zinto ziyakwenezelwa nina.


Ngakho khumbula lapho uwe khona, uphenduke, wenze imisebenzi yakuqala; uma kungenjalo, ngizakuza kuwe masinyane, ngilususe uthi lwesibane sakho endaweni yalo, ngaphandle kokuthi uphenduke.


Ngakho-ke masiyeke iziqondiso zesifundiso sikaKristu, siqhubekele ekupheleleni; singabeki futhi isisekelo sokuphenduka emisebenzini efileyo, lokukholwa kuNkulunkulu;


kodwa ngabika kuqala kwabaseDamaseku, naseJerusalema, nakuzo zonke izindawo zaseJudiya, nakwabezizwe, ukuba baphenduke, baphendukele kuNkulunkulu, benze imisebenzi efanele ukuphenduka.


Umbuso wezulu ufana nenkosi ethile, eyayenzela indodana yayo umshado;


Khona umbuso wezulu uyakufaniswa nezintombi eziyishumi ezathatha izibani zazo, zaphuma ukuyohlangabeza umyeni.


Kodwa maye kini, babhali labaFarisi, bazenzisi! ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu, ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukuba bangene.


Ngokuba umbuso wezulu ufana nomuntu ongumninindlu, owaphuma ekuseni ukuyoqasha izisebenzi esivinini sakhe.


Ngakho umbuso wezulu ufaniswa nenkosi eyayifuna ukubalelana nezinceku zayo.


Khona waqala ukusola imizi okwakwenziwe kuyo iningi lemisebenzi yakhe yamandla, ngokuba ingaphendukanga;


Kepha uma becabanga ezweni abathunjelwe kulo, bephenduka, bancenge kuwe ezweni lalabo ababebathumbile, bethi: Sonile, senza okubi, senzile ububi;


Kanjalo nani, nxa nibona lezizinto zenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze.


Sathi: ‘Qha, baba Abrahama, kepha uma omunye kwabafileyo eya kubo, bayakuphenduka.


Ngokuba umbuso wezulu unjengomuntu owaya ezweni elikude, wabiza izinceku zakhe, wazinika impahla yakhe.


Wababekela omunye umfanekiso, wathi: “Umbuso wezulu ufana nomuntu owahlwanyela imbewu enhle ensimini yakhe;


UJesu walihamba lonke elaseGalile efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa abantu ekuguleni nasekuguleni konke.


Abaningi kubantwana bakwa-Israyeli uyakubaphendulela eNkosini uNkulunkulu wabo.


Uzakholwa yiyo ukuthi izaletha inhlanyelo yakho ekhaya, iyibuthele esiphaleni sakho?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite