Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 28:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kwathi besaya ukubikela abafundi bakhe, bheka, uJesu wabahlangabeza, wathi: “Sanibona! Base besondela, bambamba izinyawo, bakhuleka kuye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Bheka, uJesu wabahlangabeza, wathi: “Sanibona.” Besondela babamba izinyawo zakhe, bakhuleka kuye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 UJesu wahlangana nabo, wathi: “Sanibona.” Basondela babamba izinyawo zakhe, bakhuleka kuye.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Kwathi besaya ukubikela abafundi bakhe, bheka, uJesu wabahlangabeza, wathi: “Sanibona! Base besondela, bambamba izinyawo, bakhuleka kuye.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 28:9
18 Referans Kwoze  

Sebembonile bakhuleka kuye, kodwa abanye bangabaza.


Basebesiza ababesemkhunjini, bakhuleka kuye, besithi: Isibili wena uyiNdodana kaNkulunkulu.


UTomase waphendula, wathi kuye: Nkosi yami, Nkulunkulu wami.


Bakhuleka kuye, babuyela eJerusalema benokuthokoza okukhulu.


UMariya wayesethatha ilitha lamafutha enadi lodwa elinenani elikhulu, wagcoba izinyawo zikaJesu, wesula izinyawo zakhe ngezinwele zakhe; indlu yagcwala iphunga lamafutha.


Wema ngasezinyaweni zakhe emva kwakhe ekhala, waqala ukugeza izinyawo zakhe ngezinyembezi, wazesula ngezinwele zekhanda lakhe, wanga izinyawo zakhe, wazigcoba ngamafutha.


Bheka, ngiyakubakhipha esinagogeni likaSathane, abathi bangamaJuda, bengesiwo, kodwa beqamba amanga; bheka, ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.


Ekugcineni, bazalwane, salani kahle. Niphelele, niduduzeke, nibe nhliziyonye, nihlale ngokuthula; futhi uNkulunkulu wothando nokuthula uyakuba nani.


Ngalolo suku kusihlwa, ngolokuqala lweviki, iminyango ivaliwe lapho ababebuthene khona abafundi ngokwesaba abaJuda, uJesu wafika wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kinina.


Ingelosi yangena kuye, yathi: “Sawubona, wena ophiwe umusa, uJehova unawe; ubusisiwe wena phakathi kwabesifazane.


Uyamhlangabeza othokozayo enze ukulunga, labo abakukhumbulayo ezindleleni zakho; bheka, uthukuthele; ngoba sonile; kukho ukubekezela, njalo siyakusindiswa.


nokubingelelwa ezigcawini, nokubizwa ngabantu ngokuthi Rabi, Rabi.


Base beshesha bamuka ethuneni benokwesaba nokuthokoza okukhulu; wagijima wabikela abafundi bakhe.


UJesu wayesethi kubo: “Ningesabi; hambani nitshele abafowethu ukuthi baye eGalile, futhi bayakungibona khona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite