Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 27:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Sebembophile, bamuka naye, bamnikela kuPontiyu Pilatu umbusi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 bambopha, bamuka naye, bamnikela kuPilatu umbusi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Bambopha, bahamba naye, bamnikela kuPilatu, umbusi.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Sebembophile, bamuka naye, bamnikela kuPontiyu Pilatu umbusi.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 27:2
25 Referans Kwoze  

UNkulunkulu ka-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, uNkulunkulu wawokhokho bethu, uyikhazimulisile iNdodana yakhe uJesu; enamkhaphela nina, namphika phambi kukaPilatu, yena esenqumile ukumkhulula.


Bazamnikela kwabezizwe ukuthi baklolodelwe, babhaxabule, bambethele esiphambanweni, njalo ngosuku lwesithathu izabuya ivuke.


Ngiyakuyala emehlweni kaNkulunkulu ophilisa zonke izinto, naphambi kukaKristu Jesu owafakaza isivumo esihle phambi kukaPontiyu Pilatu;


Kwakukhona ngaleso sikhathi abathile abamtshela ngabaseGalile igazi labo uPilatu ayelixubanise nemihlatshelo yabo.


Khumbulani ababoshiweyo ngokungathi niboshiwe kanye nabo; nabaphathwa kabi, njengokuba nani nisemzimbeni.


engihlupheka ngakho kuze kube sekuboshweni njengomenzi wokubi; kepha izwi likaNkulunkulu aliboshiwe.


Ngakho ngenxa yalokhu nginibizele ukulibona, ngikhulume lani, ngoba ngenxa yethemba likaIsrayeli ngibotshiwe ngamaketane.


Kepha emva kweminyaka emibili kwangena uPorkiyu Festu esikhundleni sikaFeliksi;


Khona basuka masinyane kuye labo ababezakumphenya;


Kwathi besambopha ngemichilo, uPawuli wathi enduneni yekhulu eyayimi lapho: Kuvunyelwe yini kini ukutshaya ngesiswepu umuntu ongumRoma engalahlwanga yicala?


Induna yenkulungwane yayisisondela, yambamba, yayala ukuba aboshwe ngamaketanga amabili; wabuza ukuthi ungubani nokuthi wenzeni.


Kwathi uHerode esezomkhipha, ngalobo busuku uPetru wayelele phakathi kwamasosha amabili, eboshwe ngamaketanga amabili, nabalindi phambi komnyango belinda itilongo.


wacela kuye izincwadi zokuya eDamaseku eziya emasinagogeni, ukuze kuthi uma ethola abanye baleyo Ndlela, abesilisa noma abesifazane, abalethe eJerusalema beboshiwe.


Ngokuba isibili uHerode, noPontiyu Pilatu, kanye nabezizwe, nabantu bakwa-Israyeli babuthana ndawonye ngokumelene neNdodana yakho engcwele uJesu owamgcobayo;


UAnase wayesemthumela eboshiwe kuKayafase umpristi omkhulu.


Khona iviyo nenduna yenkulungwane nezikhonzi zabaJuda bambamba uJesu, bambopha.


Basebemqaphela, bathuma izinhloli ezizenza abalungileyo ukuze babambe amazwi akhe, ukuze bamnikele emandleni lakulandleni wombusi.


Kwathi ngomnyaka weshumi nanhlanu wokubusa kukaTiberiyu Kesari, uPontiyu Pilatu engumbusi waseJudiya, noHerode engumbusi wesifunda saseGalile, noFiliphu umfowabo engumbusi wesifunda sase-Itureya nasesifundeni saseTrakoniti, noLisaniya engumtetrarki wase-Abilene,


Bafika endaweni uNkulunkulu abemtshele yona; u-Abrahama wakha khona i-altare, walungisa izinkuni, wabopha u-Isaka indodana yakhe, wambeka e-altare phezu kwezinkuni.


Uma kuzwakala lokho kumbusi, siyakuncenga thina, sinivikele.


Kwase kusuka isixuku sabo sonke, samyisa kuPilatu.


Ngalolo suku oPilatu noHerode baba ngabangane, ngokuba ngaphambili babenobutha phakathi kwabo.


Base bemhola uJesu kuKayafase bamusa endlini yokwahlulela; futhi bona abazange bangene endlini yokwahlulela, funa bangcoliswe; kodwa ukuze badle iphasika.


Bathi kuye: “Sehlele ukukubopha, ukuze sikunikele esandleni samaFilisti.” USamsoni wathi kubo: Fungisani kimi, ukuthi aniyikungihlasela nina.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite