Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 27:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

19 Esehlezi esihlalweni sokwahlulela, umkakhe wathumela kuye, wathi: “Ungabi nandaba nalowo muntu olungileyo, ngokuba ngihlupheke kakhulu namuhla ngaye ephusheni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Esahlezi esihlalweni sokwahlulela, umkakhe wathumela kuye, wathi: “Ungabi nandaba kulowo muntu olungileyo; ngokuba ngihluphekile kakhulu namuhla ngaye ephusheni.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Esahleli esihlalweni sokwehlulela, umkakhe wathumela kuye, wathi: “Ungayingeni indaba yalowo muntu olungileyo, ngokuba ngikhathazeke kakhulu ngaye namuhla ephusheni.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 Esehlezi esihlalweni sokwahlulela, umkakhe wathumela kuye, wathi: “Ungabi nandaba nalowo muntu olungileyo, ngokuba ngihlupheke kakhulu namuhla ngaye ephusheni.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 27:19
28 Referans Kwoze  

Kwathi uPilatu ebona ukuthi kakusizi lutho, kodwa ukuthi isiyaluyalu sisuka kakhulu, wathatha amanzi, wageza izandla phambi kwexuku, wathi: Anginacala egazini lalumuntu olungileyo; ziboneleni lina.


ongonanga, nenkohliso ayitholwanga emlonyeni wakhe;


Kwathi uPilatu ezwa lelo zwi, wamkhiphela ngaphandle uJesu, wahlala esihlalweni sokwahlulela endaweni ebizwa ngokuthi, Indawo egandaywe ngamatshe, kodwa ngesiHeberu iGabatha.


Induna yekhulu isibonile okwenzekileyo, yamdumisa uNkulunkulu, ithi: “Nempela lo ubengumuntu olungileyo.


Ovame ukwenza lukhuni intamo yakhe ngokusolwa uyachithwa ngokuzumayo, kungabikho ukuphulukiswa.


Bantwana bami, nginilobela lokhu ukuba ningoni. Uma umuntu ona, sinoMmeli kuYise, uJesu Kristu olungileyo;


esithi: Ngonile ngokukhaphela igazi elingelacala. Basebesithi: Kuyini kithi lokho? bheka wena.


Kodwa esezwile ukuthi u-Arkelawu usebusa eJudiya esikhundleni sikaHerodi uyise, wesaba ukuya khona;


Kwathi esefile uHerodi, khangela, ingilosi yeNkosi yabonakala ngephupho kuJosefa eGibhithe.


Esacabanga ngalezi zinto, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuye ngephupho, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya umkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungokwasezulwini uMoya oNgcwele.


Jabula kakhulu, ndodakazi yaseZiyoni! khala, ndodakazi yaseJerusalema! Bheka, iNkosi yakho iza kuwe; Ulungile futhi unensindiso; ithobekile, igibele imbongolo, ithole lethole.


Uyobona umshikashika womphefumulo wakhe, asuthe; ngokwazi kwakhe uyakuyenza inceku yami elungileyo ilunge kakhulu; ngokuba uyakuthwala ububi babo.


Futhi wathi: Yizwani amazwi ami: Uma kukhona umprofethi phakathi kwenu, mina, iNkosi, ngizozazisa kuye ngombono futhi ngikhulume kuye ngephupho.


Kusemandleni esandla sami ukukulimaza; kodwa uNkulunkulu kayihlo ukhulume kimi izolo ebusuku, wathi: Ziqaphele, ungakhulumi okuhle kumbe okubi kuJakobe.


UNkulunkulu wayesefika kuLabani umAramu ephusheni ebusuku, wathi kuye: “Ziqaphele ukuba ungakhulumi okuhle noma okubi kuJakobe.”


Kepha thina ngokweqiniso; ngoba thina samukela umvuzo wezenzo zethu; kodwa yena lo akenzanga lutho olubi.


Ingelosi kaNkulunkulu yasikhuluma kimi ngephupho, yathi: “Jakobe; ngathi: Nangu mina.”


Ngokuba wayekwazi ukuthi bamnikele ngomhawu.


Kwathi ngosuku olumisiweyo uHerode wembatha ingubo yobukhosi, wahlala esihlalweni sakhe sobukhosi, wakhuluma kubo.


Kwathi uGaliyu engumbusi we-Akhaya, abaJuda bamvukela uPawulu nganhliziyonye, bamyisa esihlalweni sokwahlulela.


Wasebaxotsha esihlalweni sokwahlulela.


Khona wonke amaGreki ambamba uSostene induna yesinagoge, amshaya phambi kwesihlalo sokwahlulela. Kepha uGaliyu akabanga nandaba nalutho lwalezo zinto.


Esehlale nabo izinsuku ezingaphezu kweziyishumi, wehlela eKesariya; ngangomuso ehlezi esihlalweni sokwahlulela, wayala ukuba uPawulu alethwe.


UPawuli wasesithi: Ngimi esihlalweni sokwahlulela sikaKesari, lapho engifanele ukwahlulelwa khona;


Ngakho-ke sebefikile lapha, angilibalanga ngangomuso ngahlala esihlalweni sokwahlulela, ngayala ukuba le ndoda ilethwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite