Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 26:63 - Contemporary Zulu Bible 2024

63 Kodwa uJesu wathula. Umpristi omkhulu wasephendula wathi kuye: Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo, ukuthi usitshele ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

63 Kepha uJesu wathula. Wayesethi kuye umpristi omkhulu: “Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo ukuba usitshele uma unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

63 Kepha uJesu wathula du. Umphristi omkhulu wayesethi kuye: “Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo ukuba usitshele uma unguKhristu, iNdodana kaNkulunkulu.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

63 Kodwa uJesu wathula. Umpristi omkhulu wasephendula wathi kuye: Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo, ukuthi usitshele ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 26:63
42 Referans Kwoze  

Uma umuntu ona, ezwe izwi lesiqalekiso, engufakazi, noma ebonile noma ekwazi; uma engakhulumi, uyakuthwala ububi bakhe.


USimoni Petru waphendula wathi: “Wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.


Wacindezelwa, waba lusizi, kepha akawuvulanga umlomo wakhe; njengewundlu uyiswa ekuhlatshweni, nanjengemvu isimungulu phambi kwabagundi bayo, kanjalo akawuvuli umlomo wakhe.


Kwathi emangalelwa ngabapristi abakhulu namalunga, akaphendulanga lutho.


Lapho amadoda efika ehlathini, uju lwaconsa; kepha akubangakho obeka isandla sakhe emlonyeni wakhe, ngokuba abantu basesaba isifungo.


Kodwa lezi zilotshiwe, ukuze likholwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu; ukuze ngokukholwa nibe nokuphila ngegama lakhe.


Wabuye wangena endlini yokwahlulela, wathi kuJesu: “Ungowaphi na? Kodwa uJesu kamphendulanga.


AmaJuda amphendula athi: Thina silomlayo, langokomlayo wethu ufanele ukufa, ngoba uzenze iNdodana kaNkulunkulu.


UPilatu wasesithi kuye: Ngakho wena uyinkosi yini? UJesu waphendula wathi: Wena uthi ngiyinkosi. Ngazalelwa lokho, futhi ngezela lokho ezweni, ukuze ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami.


Nina nisho ngaye uBaba amngcwelisayo, wamthuma ezweni, ukuthi: Uyahlambalaza; ngoba ngithe: Mina ngiyiNdodana kaNkulunkulu?


Mina noBaba simunye.


Base bemhaqa abaJuda, bathi kuye: “Koze kube nini usenza singabaze na? Uma unguKristu, sitshele ngokusobala.


Base bethi kuye: “Ungubani na? UJesu wathi kubo: “Lokho enganitshela khona kwasekuqaleni.


Siyakholwa, siyazi ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.


UNathanayeli waphendula, wathi kuye: “Rabi, wena uyiNdodana kaNkulunkulu; wena uyiNkosi yakwa-Israyeli.


Mina ngibonile, ngafakaza ukuthi lo uyiNdodana kaNkulunkulu.


Kodwa wathula, kaphendulanga lutho. Umpristi omkhulu waphinda wambuza, wathi kuye: Wena unguKristu, iNdodana yoBongekayo na?


Kwathi induna yekhulu nababe nayo belinda uJesu bebona ukuzamazama komhlaba nalokho okwenzekileyo besaba kakhulu, bathi: “Nempela lo ubeyiNdodana kaNkulunkulu.


Wathembela kuNkulunkulu; makamkhulule manje, uma emthanda, ngokuba wathi: Mina ngiyiNdodana kaNkulunkulu.


Bethi: Wena odiliza ithempeli, ulakhe ngezinsuku ezintathu, zisindise. Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yehla esiphambanweni.


Akamphendula nakancane; waze wamangala kakhulu umbusi.


OShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego baphendula, bathi enkosini: “Nebukadinesari, asiqinanga ukuba sikuphendule ngale ndaba.


Ohlanganyela nesela uzonda umphefumulo wakhe; ezwa isiqalekiso angasikhapheli.


Inkosi yasisithi kuye: Ngizakuyala kangaki ukuthi ungangitsheli lutho ngaphandle kweqiniso ebizweni leNkosi?


Inkosi yasisithi kuye: Ngizakufungisa kangaki ukuthi ungangitsheli okunye ngaphandle kweqiniso ebizweni le Nkosi?


Yaphendula enye yamadoda, yathi: “Uyihlo ubaxwayisile kakhulu abantu, wathi: ‘Uqalekisiwe umuntu odla utho namuhla. Abantu baphela amandla.


owathi ethukwa, akaphindanga athuke; lapho ehlupheka, akasongelanga; kodwa wayezinikele kuye owahlulela ngokulunga.


Abantu bakwa-Israyeli bacindezelwa ngalolo suku, ngokuba uSawule wabayala abantu, wathi: “Makaqalekiswe umuntu odla noma yini kuze kuhlwe, ukuze ngiziphindiselele ezitheni zami. Ngakho kakho ebantwini owanambitha ukudla.


Umphefumulo wami womela uNkulunkulu, uNkulunkulu ophilayo; ngiyakufika nini, ngibonakale phambi kukaNkulunkulu na?


Kwasekufika kuye umlingi wathi: Uba uyiNdodana kaNkulunkulu, yitsho ukuthi lawa matshe abe yizinkwa.


Kwasekusukuma umpristi omkhulu, wathi kuye: Kawuphenduli lutho yini? kuyini laba abakufakaza ngawe na?


Ngokuba iNdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu, eyashunyayelwa kini yithina, mina noSilvanu noThimothewu, yayingesiye uyebo noqhabo, kodwa kuyo inguyebo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite