Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 26:41 - Contemporary Zulu Bible 2024

41 Lindani, nikhuleke, ukuze ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

41 Lindani, nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

41 Lindani, nikhuleke ukuze ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kodwa umzimba ubuthakathaka.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

41 Lindani, nikhuleke, ukuze ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 26:41
34 Referans Kwoze  

Wathi kubo: “Nilaleleni na? sukumani nikhuleke, ukuze ningangeni ekulingweni.


Lindani, nikhuleke, ukuze ningangeni ekulingweni. Umoya ulungile, kepha inyama ibuthakathaka.


ngokukhuleka konke nokunxusa nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya, nikulinde ngokubekezela okukhulu nokunxusela abangcwele bonke;


Ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi, ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.


Ngakho lindani njalo, likhuleke, ukuze kuthiwe lifanele ukuphunyuka kuzo zonke lezizinto eziyakwenzeka, lokuma phambi kweNdodana yomuntu.


Bheka, ngiza njengesela; Ubusisiwe olindayo, ogcina izingubo zakhe, funa ahambe nqunu, babone ihlazo lakhe.


Lindani, nime niqinile ekukholweni, nibe ngamadoda, nibe namandla.


Zithibeni, niqaphe; ngokuba isitha senu uSathane, njengengonyama ebhongayo, siyahamba sifuna engamshwabadela;


Anifikelwa ukulingwa okuvamile kubantu, kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu; kepha kanye nokulingwa uyakunenza nendlela yokuphunyuka, nize nibe-namandla okukuthwala.


INkosi iyakwazi ukukhulula ezilingweni abamesabayo, nokugcinela abangalungile usuku lokwahlulelwa, bajeziswe;


Ngakho lindani, ngokuba anazi ukuthi iNkosi yenu iyakufika ngasiphi isikhathi.


Ngokuba uligcinile izwi lokubekezela kwami, nami ngiyakukulondoloza ehoreni lokulingwa eliyakufika phezu komhlaba wonke ukulinga abakhileyo emhlabeni.


Kepha ukuphela kwakho konke sekusondele;


Esefikile kuleyo ndawo wathi kubo: “Khulekani ukuba ningangeni ekulingweni.


AbakaKristu babethele esiphambanweni inyama kanye nokuhuheka nezinkanuko.


Kepha ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, funa kuthi, nxa sengishumayele kwabanye, mina ngokwami ngilahlwe.


Ngakho lindani, ngokuba anazi usuku nehora iNdodana yomuntu eza ngayo.


Ngizohamba ngendlela yemiyalo yakho, uma uyenza banzi inhliziyo yami.


Khona wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde kanye nami.


I-ALEPH. Ubusisiwe osendleleni engenabala, ohamba emthethweni kaJehova.


Ngoba lokho umthetho owawungekwenze, ngoba ubuthakathaka ngenyama, uNkulunkulu ethuma eyakhe iNdodana ifana lenyama elesono, njalo ngenxa yesono, walahla isono enyameni;


Usithethelele izono zethu; ngoba lathi sibathethelela bonke abalecala kithi. Ungasingenisi ekulingweni; kodwa usikhulule kokubi.


Labasedwalani yilabo abathi, lapho belizwa, balamukele izwi ngokuthokoza; kepha laba kabanampande, abakholwa isikhashana, kuthi ngesikhathi sokulingwa bawa.


Ngisekele, ngizakusindiswa, ngigcine izimiso zakho njalo.


Sukani kimi nina benzi bokubi, ngokuba ngiyakugcina imiyalo kaNkulunkulu wami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite