Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 26:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho elizashunyayelwa khona lelivangeli emhlabeni wonke, kuyakuba-khona nalokhu akwenzileyo lona wesifazane, kube yisikhumbuzo ngaye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho liyakushunyayelwa khona leli vangeli ezweni lonke, kuyakukhulunywa nangalokho akwenzileyo, kube yisikhumbuzo ngaye.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Ngiqinisile ngithi kini: noma kuphi lapho leli vangeli liyakushunyayelwa khona, emhlabeni wonke, kuyakukhulunywa nangalokhu akwenzile lo wesifazane, kube yisikhumbuzo ngaye.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho elizashunyayelwa khona lelivangeli emhlabeni wonke, kuyakuba-khona nalokhu akwenzileyo lona wesifazane, kube yisikhumbuzo ngaye.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 26:13
19 Referans Kwoze  

Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho elizashunyayelwa khona lelivangeli emhlabeni wonke, nalokhu akwenzileyo kuyakukhulunywa ngakho, kube yisikhumbuzo ngaye.


Lelivangeli lombuso liyakutshunyayelwa emhlabeni wonke kube ngubufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.


Impela akayikuzanyazanyiswa kuze kube phakade; olungileyo uyakuba sesikhumbuzini esiphakade.


Ngokuba uNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nomshikashika wothando enalubonakalisa kulo igama lakhe, ngokukhonza abangcwele, nisabakhonza.


Jabulani ngokuthokoza, nihlabelele kanyekanye, nina manxiwa aseJerusalema, ngokuba uJehova ubaduduzile abantu bakhe, ulihlengile iJerusalema.


Ngalokho usho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Ngishilo nokusho ukuthi indlu yakho nendlu kayihlo iyakuhamba phambi kwami kuze kube phakade; kepha Jehova muntu, makube kude nami; Ngokuba abangidumisayo ngiyakubadumisa, nabangidelelayo bayakuba-delelekile.


Ngase ngibona enye ingelosi indiza emkhathini wezulu, inevangeli laphakade ukubalishumayele kwabakhileyo emhlabeni, nakuzo zonke izizwe, nemindeni, nezilimi, nabantu;


owazinikela abe yinhlawulo yabo bonke, kube ngubufakazi ngesikhathi esifaneleyo.


Uma nihlala ekukholweni nisekelwe niqinile, ningasuswa ethembeni levangeli enalizwa, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu; mina Pawulu ngenziwa isikhonzi sakho;


elifikile kini, njengasezweni lonke; lithela isithelo, njengalokhu lisenza lakini, kusukela osukwini elakuzwa ngalo, lawazi umusa kaNkulunkulu ngeqiniso;


Ngoba akusiye ozincomayo owamukelekayo, kodwa onconywa yiNkosi.


ngezibonakaliso zamandla lezimangaliso, ngamandla kaMoya kaNkulunkulu; kangangokuthi kusukela eJerusalema nangazungeza kuze kufike e-Iliriku ngishumayele ngokugcwele ivangeli likaKristu.


Kodwa ngithi: Kabezwanga yini? Yebo, impela, izwi labo liphumele emhlabeni wonke, namazwi abo emikhawulweni yomhlaba.


Kutshunyayelwe ebizweni lakhe ukuphenduka lokuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema.


Wathi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.


Ivangeli limelwe ukushunyayelwa kuqala ezizweni zonke.


Ngakho hambani nifundise izizwe zonke, nibabhapathize egameni likaYise, neleNdodana, nelikaMoya oNgcwele;


Embuka wethuka, wathi: Kuyini, Nkosi? Yathi kuye: “Imikhuleko yakho nokwabela kwakho abampofu izipho kukhuphukele kwaba yisikhumbuzo phambi kukaNkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite