Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 23:34 - Contemporary Zulu Bible 2024

34 Ngakho-ke, bhekani, mina ngithumela kini abaprofethi, nabahlakaniphileyo, nababhali; abanye kubo niyakubashaya emasinagogeni enu, nibazingele imizi ngemizi;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Ngakho-ke, bhekani, mina ngithuma kini abaprofethi, nabahlakaniphileyo, nababhali; abanye kubo niyakubabulala, nibabethele; abanye niyakubashaya emasinagogeni* enu, nibaxoshe imizi ngemizi

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

34 Ngalokho-ke bhekani, ngithumela kini abaphrofethi, abahlakaniphileyo nezazimthetho. Abanye niyakubabulala, abanye nibabethele, abanye nibashaye emasinagogeni enu, nibaxoshe imizi ngemizi.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

34 Ngakho-ke, bhekani, mina ngithumela kini abaprofethi, nabahlakaniphileyo, nababhali; abanye kubo niyakubashaya emasinagogeni enu, nibazingele imizi ngemizi;

Gade chapit la Kopi




Mathewu 23:34
36 Referans Kwoze  

Wayesethi kubo: “Ngakho wonke umbhali ofundisiwe embusweni wezulu ufana nomuntu umninindlu okhipha engcebweni yakhe izinto ezintsha nezindala.


esimshumayelayo, sixwayisa wonke umuntu, sifundisa wonke umuntu ngakho konke ukuhlakanipha; ukuze sethule wonke umuntu ephelele kuKristu Jesu;


Kwakukhona e-Antiyokiya ebandleni abaprofethi nabafundisi; njengoBarnaba, noSimeyoni othiwa uNigeri, noLukiyu waseKhurene, noManayeni owayondliwe kanye noHerode umtetrarki, noSawulu.


Kepha nxa benizingela kulo muzi, balekelani komunye, ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Aniyikuqeda imizi yakwa-Israyeli, ingakafiki iNdodana yomuntu.


Nabakhileyo emhlabeni bayakujabula ngabo, bajabule, bathumele izipho omunye komunye; ngoba laba baprofethi ababili babahlupha abakhileyo emhlabeni.


bakhandwa ngamatshe, banqunyulwa phakathi, balingwa, babulawa ngenkemba, bazulazula bembethe izikhumba zezimvu nezikhumba zezimbuzi; beswele, behlupheka, behlutshwa;


Ngokomusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo, njengomakhi ohlakaniphileyo ngabeka isisekelo, omunye wakha phezu kwaso. Kodwa yilowo nalowo makaqaphele ukuthi wakha kanjani phezu kwaso.


Kepha sikhuluma ukuhlakanipha phakathi kwabapheleleyo, ukuhlakanipha okungesikho okwaleli zwe nokwababusi balesi sikhathi ababhubhayo;


OJudasi noSila, bengabaprofethi nabo, bakhuthaza abazalwane ngamazwi amaningi, babaqinisa.


Kwafika abaJuda bevela e-Antiyokiya nase-Ikoniyu, banxenxa izixuku, bamkhanda uPawulu ngamatshe, bamhudulela ngaphandle komuzi, bethi ufile.


Wabulala uJakobe umfowabo kaJohane ngenkemba.


Ngalezo zinsuku kwafika abaprofethi bevela eJerusalema, beza e-Antiyokiya.


Basebemvumela; sebebabiza abaphostoli, babatshaya, babalaya ukuthi bangakhulumi ngebizo likaJesu, babakhulula.


Kepha nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya, kuze kube sekugcineni komhlaba.


Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ukuthula makube kinina, njengalokho uBaba engithumile, nami ngiyanithuma nina.


Bazalixotsha emasinagogeni; yebo, isikhathi siyeza, lapho wonke olibulalayo uzakuthi ukhonza uNkulunkulu.


Kutshunyayelwe ebizweni lakhe ukuphenduka lokuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema.


Isithelo solungileyo singumuthi wokuphila; nozuza imiphefumulo uhlakaniphile.


besenqabela ukuthi sikhulume kwabezizwe ukuze basindiswe, bagcwalise izono zabo njalonjalo;


Bamakhela uzungu, bamkhanda ngamatshe ngesiyalezo senkosi egcekeni lendlu kaJehova.


Kwathi uJeremiya eseqedile ukukhuluma konke uJehova amyale ngakho ukuthi akukhulume ebantwini bonke, abapristi labaprofethi labantu bonke bamthatha bathi: Uzakufa lokufa.


Inkosi yayala uJerakimeli indodana yenkosi, noSeraya, indodana ka-Asiriyeli, noShelemiya, indodana ka-Abideyeli, ukuba babambe uBharuki umbhali noJeremiya umprofethi; kepha uJehova wabafihla.


Ngakho niyazifakazela nina ukuthi ningamadodana ababulala abaprofethi.


UJehova wakhuluma ngezinceku zakhe, abaprofethi, wathi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite