Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 22:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso, awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso; awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Bathumela kuye abafundi babo nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso, awubunaki ubunjalo bomuntu, ngokuba Wena awubheki buso bamuntu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso, awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 22:16
36 Referans Kwoze  

Base bephuma abaFarisi, bahle bacebisana nabakaHerode ukuthi bangambulala kanjani.


Bambuza-ke, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi ukhuluma ufundise kahle, awukhethi buso bamuntu, kodwa ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso;


Sebefikile bathi kuye: Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, kawukhathali ngomuntu, ngoba kawubheki ubuso bomuntu, kodwa ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso: Kuvunyelwe yini ukuthela. KuKesari, noma qha?


Wasebalaya wathi: Qaphelani, lixwaye imvubelo yabaFarisi lemvubelo kaHerodi.


Siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda, ukuze simazi oqinisileyo, sikuye oweqiniso, eNdodaneni yakhe uJesu Kristu. Lona unguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.


UPilatu wasesithi kuye: Ngakho wena uyinkosi yini? UJesu waphendula wathi: Wena uthi ngiyinkosi. Ngazalelwa lokho, futhi ngezela lokho ezweni, ukuze ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami.


UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.


Okhuluma okwakhe uzifunela udumo lwakhe, kepha ofuna udumo lwalowo omthumileyo uqinisile, akukho ukungalungi kuye.


Kepha ukuhlakanipha kwaphezulu okokuqala kuhlanzekile, bese kuba-nokuthula, nokumnene, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle, akunabandlululo, nokungazenzisi.


Kodwa njengoba sivunyiwe nguNkulunkulu ukuthi siphathiswe ivangeli, sikhuluma ngokunjalo; kungenjengokuthokozisa abantu, kodwa uNkulunkulu ohlola izinhliziyo zethu.


Kodwa kulaba abathi banje, (loba babeyini, kakunandaba kimi, uNkulunkulu kakhethi ubuso bamuntu;


Ngokuba manje ngiyabancenga abantu noma uNkulunkulu na? noma ngifuna ukujabulisa abantu na? ngoba uma ngisathokozisa abantu, ngabe angisiyo inceku kaKristu.


Ngakho-ke kusukela manje asisazi muntu ngokwenyama; yebo, noma sesimazi uKristu ngokwenyama, nokho kusukela manje asisamazi.


Kodwa sizilahlile izinto ezifihlakeleyo zehlazo, kasihambi ngobuqili, singaphambanisi ilizwi likaNkulunkulu; kodwa ngokuveza iqiniso sizincoma kunembeza wabantu bonke phambi kukaNkulunkulu.


Ngokuba asinjengabaningi abonakalisa izwi likaNkulunkulu, kepha njengabaqotho, njengabavela kuNkulunkulu phambi kukaNkulunkulu sikhuluma sikuKristu.


UJesu waphendula wathi kuye: Simoni, ngilelizwi kuwe. Wathi: “Khuluma, Mfundisi.


Kwathi esephumela endleleni, kwagijima omunye, waguqa phambi kwakhe, wambuza wathi: Mfundisi Olungileyo, ngenzeni ukuze ngidle ilifa lempilo elaphakade?


Wahle waya kuJesu, wathi: Sawubona, Rabi! wamanga.


Wathi: “Hambani niye emzini kumuntu othile, nithi kuye: ‘Uthi uMfundisi: Isikhathi sami siseduze; ngizakwenza iphasika kwakho kanye labafundi bami.


Kanjalo nowesibili, nowesithathu, kwaze kwaba kowesikhombisa.


Besithi: Mfundisi, uMozisi wathi: Uba indoda isifa ingelamntwana, umfowabo kamngene umkakhe, amvusele umfowabo inzalo.


Ngalokho nami nginenza nidelelwe, ningabi-yilutho phambi kwabantu bonke, ngokuba anigcinanga izindlela zami, kepha nithanda umthetho.


Umthetho weqiniso wawusemlonyeni wakhe, nobubi akufunyanwanga emlonyeni wakhe; wahamba nami ngokuthula nangokulunga, waphenduka kakhulu ebubini.


Umuntu othopha umakhelwane wakhe wenekela izinyawo zakhe inetha.


Amazwi omlomo wakhe abushelelezi kunebhotela, kepha inhliziyo yakhe yayilwa; amazwi akhe ayethambile kunamafutha, nokho ayeyizinkemba ezihoshiwe.


Bakhuluma okuyize, kube yilowo nalowo nomakhelwane wakhe; ngezindebe ezithophayo, bakhuluma ngenhliziyo embaxa-mbili.


Ngokuba akukho ukuthembeka emlonyeni wabo; ingaphakathi labo libi kakhulu; umphimbo wabo uyingcwaba elivulekileyo; bayathopha ngolimi lwabo.


Wayesethi uMika: “Kuphila kukaJehova, lokho uJehova akusho kimi, ngiyakukhuluma.”


owathi kuyise nonina: “Angimbonanga; akabazi abafowabo, akabazi nabantwana bakhe, ngokuba baligcinile izwi lakho, bagcina isivumelwano sakho.


Bathumela kuye abanye babaFarisi nabakaHerode, ukuze bambambe ngamazwi akhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite