Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 22:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Inkosi yathi ezincekwini: ‘Mbopheni izinyawo nezandla, nimkhiphe, nimkhiphe ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 “Khona inkosi yathi ezincekwini: ‘Mbopheni izinyawo nezandla, nimphonse ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 “Ngakho-ke inkosi yathi ezincekwini: ‘Mbopheni izinyawo nezandla, nimphonse phandle ebumnyameni, lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.’

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Inkosi yathi ezincekwini: ‘Mbopheni izinyawo nezandla, nimkhiphe, nimkhiphe ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 22:13
21 Referans Kwoze  

Kepha abantwana bombuso bayakukhishelwa ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.


Lapho inceku engancediyo yiphoseleni ebumnyameni obungaphandle; lapho kuzakuba khona ukukhala lokugedla amazinyo.


Laba bayimithombo engenamanzi, amafu aqhutshwa yisiphepho; abagcinelwe inkungu yobumnyama kuze kube phakade.


Ngokuba uma uNkulunkulu engaziyekanga izingelosi ezonayo, kepha waziphonsa esihogweni, wazinikela emaketangeni obumnyama, zigcinelwe ukwahlulelwa;


abayakujeziswa ngokubhujiswa okuphakade basuke ebusweni beNkosi nasenkazimulweni yamandla ayo;


Lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo, nxa senibona o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, nabaprofethi bonke embusweni kaNkulunkulu, kepha nina nikhishelwe ngaphandle.


Iyinqamule kabili, iyimisele isabelo sayo kanye nabazenzisi; kuyakuba khona lapho ukukhala nokugedla amazinyo.


zibaphonse esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukulila nokugedla amazinyo.


zibaphose esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukulila nokugedla amazinyo.


Akuyikungena kuwo lutho olungcolileyo, nawo wonke amanyala namanga, kuphela abalotshiweyo encwadini yokuphila yeWundlu.


amagagasi olwandle abilayo, ekhihliza amahlazo awo; izinkanyezi ezidukayo, ezigcinelwe ubumnyama bobumnyama kuze kube phakade.


Nezingelosi ezingagcinanga isikhundla sazo sokuqala, kepha zashiya ikhaya lazo, uzigcinile ngamaketanga aphakade phansi kobumnyama kuze kube ngukwahlulelwa kosuku olukhulu.


Kwathi bekuzwa lokho bahlabeka ezinhliziyweni, bamgedlela amazinyo.


Kuyekeni kukhule kokubili ndawonye kuze kube sekuvuneni;


Noma umuntu angangena kanjani endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engabophi kuqala isiqhwaga, na? khona-ke uyakuphanga indlu yakhe.


Vuka, vuka; Gqoka amandla akho, Ziyoni. Gqoka izingubo zakho ezinhle, Jerusalema, muzi ongcwele, ngokuba kusukela manje kuqhubeke abangasokile nabangcolileyo abasayikungena kuwe.


Ababi bayokubona badabuke; agedle amazinyo, ancibilike; isifiso sababi siyabhubha.


Omubi uceba uzungu ngolungileyo, amgedlele amazinyo.


Kwathi esefikile kithi, wathatha ibhande likaPawuli, wazibopha izandla lenyawo, wathi: Utsho njalo uMoya oNgcwele, ngokunjalo abaJuda eJerusalema bazabopha indoda ephethe lelibhanti, njalo bazamnikela ejele izandla zabezizwe.


Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe: Usemusha, wawuzibhinca, uhambe lapho owawuthanda khona; hhayi.


Wayala amaqhawe ayesempini yakhe ukuba abophe oShadiraki, noMeshaki, no-Abhedinego, abaphonse esithandweni somlilo ovuthayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite