Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 21:44 - Contemporary Zulu Bible 2024

44 Nalowo owela phezu kwaleli tshe uyakuphihlizwa, kepha lowo eliwela phezu kwakhe liyakumcolisa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

44 Owayo phezu kwaleli tshe uyakuphohlozwa; kepha yilowo nalowo eliyakuwela phezu kwakhe liyakumcolisa.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

44 Owela phezu kwaleli tshe uyakuphohlozwa, kodwa yilowo nalowo eliyakuwela phezu kwakhe liyakumcolisa.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

44 Nalowo owela phezu kwaleli tshe uyakuphihlizwa, kepha lowo eliwela phezu kwakhe liyakumcolisa.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 21:44
22 Referans Kwoze  

netshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa, kwabakhubekayo ngezwi ngokungalilaleli, ababemiselwe lokho futhi.


njengokulotshiweyo ukuthi: Khangela, ngibeka eZiyoni ilitshe lokuwisa ledwala lokuwisa;


Loba ngubani ozakuwa phezu kwalelotshe uzaphahlazwa; kodwa lowo eliwela phezu kwakhe lizamcola.


Base bephendula abantu bonke, bathi: Igazi lakhe malibe phezu kwethu naphezu kwabantwana bethu.


besenqabela ukuthi sikhulume kwabezizwe ukuze basindiswe, bagcwalise izono zabo njalonjalo;


INdodana yomuntu iyamuka njengokulotshiweyo ngayo, kepha maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! ngabe kwaba kuhle kulowomuntu ukuba wayengazalwanga.


Ngalolo suku ngiyakwenza iJerusalema libe yitshe elinzima kubo bonke abantu;


UJesu waphendula wathi: “Ungeke ube namandla neze phezu kwami, uma ungawanikwanga evela phezulu;


Ngokuba isizwe nombuso ongakukhonze kuyakubhubha; yebo, lezo zizwe ziyobhujiswa ngokuphelele.


Yangeni iNdodana, ukuze ingathukutheli, nibhubhe endleleni, uma intukuthelo yayo ivuka kancane. Babusisiwe bonke abamethembayo.


Kumelwe uwaphule ngentonga yensimbi; kumelwe uwaphahlaze njengebhodwe lombumbi.


Kepha izwi likaJehova laba kubo umyalo phezu komyalo, umyalo phezu komyalo; umugqa phezu komugqa, umugqa phezu komugqa; ingcosana lapha, ingcosana laphaya; ukuze bahambe bawe emuva futhi baphuke futhi babanjwe futhi babanjwe.


Ngakho-ke ngithi kini: Niyakwamukwa umbuso kaNkulunkulu, unikwe isizwe esithela izithelo zawo.


Abapristi abakhulu nabaFarisi beyizwa imifanekiso yakhe baqonda ukuthi ukhuluma ngabo.


USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya unina: “Bheka, lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi kwa-Israyeli; futhi kube yisibonakaliso esiyophikiswa;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite