Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 21:33 - Contemporary Zulu Bible 2024

33 Zwanini omunye umfanekiso: Kwakukhona umninindlu owahlanyela isivini, wasibiyela ngothango, wemba isikhamo sewayini kuso, wakha umbhoshongo, wasiqashisa kubalimi, waya elizweni elikhatshana.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 “Yizwani omunye umfanekiso. Kwakukhona umuntu, umninindlu, owatshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba khona isikhamo, wakha isiqongo sokulinda, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

33 “Lalelani nanku omunye umzekeliso. Kwakukhona umuntu ongumninindlu. Lo muntu watshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba lapho isikhamo, wakha isiqongo sokulinda, wayeseqashisa ngaso kubalimi; waya kwelinye izwe.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

33 Zwanini omunye umfanekiso: Kwakukhona umninindlu owahlanyela isivini, wasibiyela ngothango, wemba isikhamo sewayini kuso, wakha umbhoshongo, wasiqashisa kubalimi, waya elizweni elikhatshana.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 21:33
23 Referans Kwoze  

Kodwa mina ngikutshale umvini omuhle, wonke uyimbewu yeqiniso; pho, ungiphendule kanjani ngibe yisithombo esibolile somvini wezizweni na?


Mina ngingumvini weqiniso, noBaba ungumlimi.


Wathi-ke: “Umuntu othile wobukhosi waya ezweni elikude ukuyozithathela umbuso, abuye.


Zwanini izwi likaJehova nina bantwana bakwa-Israyeli, ngokuba uJehova unokuphikisana nabakhileyo ezweni, ngokuba akukho qiniso, akukho umusa, akukho kwazi uNkulunkulu ezweni.


Ngokuba iNdodana yomuntu injengomuntu owahambela kude, owashiya indlu yakhe, wanika izinceku zakhe amandla, kwaba yileyo naleyo umsebenzi wayo, yayala umlindisango ukuthi alinde.


Esithi: Ababhali nabaFarisi bahlezi esihlalweni sikaMozisi;


Kepha nithini na? Umuntu othile wayenamadodana amabili; waya kweyokuqala, wathi: ‘Mntanami, hamba uyosebenza namuhla esivinini sami.


Ngakho-ke zwanini umfanekiso womhlanyeli.


uthi: ‘Yizwani izwi likaJehova nina makhosi akwaJuda nani bakhileyo eJerusalema. Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo; ozwayo, izindlebe zakhe ziyonkeneneza.


Yizwani izwi likaJehova nina baphathi baseSodoma! lalelani umthetho kaNkulunkulu wethu, bantu baseGomora!


Wathi: “Yizwani-ke izwi likaJehova: Ngabona uJehova ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, nebandla lonke lasezulwini limi ngakuye ngakwesokunene sakhe nangakwesokhohlo sakhe.


Uzikhethele abahluleli nababonisi kuwo wonke amasango akho uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona ngokwezizwe zakho; futhi bayokwahlulela abantu ngokwahlulela okulungileyo.


Ngokuba umbuso wezulu ufana nomuntu ongumninindlu, owaphuma ekuseni ukuyoqasha izisebenzi esivinini sakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite