Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 20:34 - Contemporary Zulu Bible 2024

34 UJesu waba nesihe ngazo, wathinta amehlo azo; zase zibona masinyane, zamlandela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 UJesu waba nesihe, waphatha amehlo azo; zase zibona masinyane, zamlandela.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

34 UJesu waba nesihawu wathinta amehlo azo; zase ziyabona masinyane, zamlandela.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

34 UJesu waba nesihe ngazo, wathinta amehlo azo; zase zibona masinyane, zamlandela.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 20:34
20 Referans Kwoze  

Ukuze uvule amehlo abo, basuke ebumnyameni, baye ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baye kuNkulunkulu, ukuze bamukele ukuthethelelwa kwezono, nefa phakathi kwabangcwelisiweyo ngokukholwa kimi.


Elokugcina manibe nomqondo munye nonke, nihawukelane, nithandane njengabazalwane, nihawukele, nibe nomusa;


UJesu waphendula wathi: “Musani; Wathinta indlebe yakhe, wamphulukisa.


Yathi iNkosi imbona, yamhawukela, yathi kuye: “Ungakhali.


Wamsusa esixukwini, wafaka iminwe yakhe ezindlebeni zakhe, wafela amathe, wathinta ulimi lwakhe;


UJesu wayesebizela kuye abafundi bakhe, wathi: “Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu behlezi nami, bengenalutho lokudla;


UJesu esephuma, wabona isixuku esikhulu, waba nesihe ngaso, waphulukisa abagulayo babo.


Khona wathinta amehlo azo, wathi: “Makwenzeke kini njengokukholwa kwenu.


Wathinta isandla sakhe, umkhuhlane wamyeka; wavuka, wabakhonza.


UJehova unomusa nesihawu; wephuza ukuthukuthela, mkhulu ngesihawu.


Kuhle kimi ukuthi ngicindezelwe; ukuze ngifunde izimiso zakho.


Ngingakacindezelwa, ngaduka, kepha manje ngiyaligcina izwi lakho.


Khona masinyane yabona, yamlandela, idumisa uNkulunkulu; nabantu bonke bekubona badumisa uNkulunkulu.


Kodwa ebona izixuku waba lesihelo ngazo, ngoba zazidiniwe, zihlakazekile njengezimvu ezingelamalusi.


Ngakho kwamfanela ukuthi afane labafowabo kukho konke, ukuze abe ngumpristi omkhulu olesihawu lothembekileyo ezintweni ezimayelana loNkulunkulu, ukuze enze inhlawulo yokuthula ngezono zabantu.


Bathi kuye: Nkosi, ukuze amehlo ethu avulwe.


Kwathi sebesondele eJerusalema, sebefikile eBetfage, entabeni yeMihlwathi, uJesu wathuma abafundi ababili,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite