Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 20:28 - Contemporary Zulu Bible 2024

28 njengalokhu iNdodana yomuntu ingezanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza, nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 njengalokho iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

28 njengalokhu iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza nokunikela ngokuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

28 njengalokhu iNdodana yomuntu ingezanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza, nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 20:28
35 Referans Kwoze  

Kanjalo noKristu wanikelwa kwaba kanye ukuba athwale izono zabaningi; futhi kulabo abalindele yena uyobonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kube insindiso.


Ngokuba yimuphi omkhulu, ohlezi ekudleni noma okhonzayo? Akusiye ohlezi ekudleni na? kodwa mina ngiphakathi kwenu njengokhonzayo.


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge kubo bonke ububi, futhi azihlambulule isizwe esiyisizwe, esishisekela imisebenzi emihle.


Ngokuba noKristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuze asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni, kodwa ephiliswa ngoMoya;


owazinikela abe yinhlawulo yabo bonke, kube ngubufakazi ngesikhathi esifaneleyo.


nakuJesu Kristu, ongufakazi othembekileyo, nezibulo kwabafileyo, nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye owasithandayo nowasigeza ezonweni zethu ngegazi lakhe.


Ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu Kristu, ukuthi nakuba ecebile waba mpofu ngenxa yenu, ukuze ngobumpofu bakhe nina nicebe.


Noma ebeyiNdodana, wafunda ukulalela ngalokho ahlupheka ngakho;


Yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze thina sesifile ezonweni siphile ekulungeni, omivimbo yakhe naphulukiswa ngayo.


Esilokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe;


Wasesithi kubo: Lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elichithelwa abanengi.


Ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono.


nihambe othandweni, njengalokho noKristu wasithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo kuNkulunkulu, abe yiphunga elimnandi.


UKristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho, esenziwe isiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Uqalekisiwe wonke olenga emthini;


owanikelwa ngenxa yeziphambeko zethu, wabuye wavuswa ukuze silungisiswe.


yena uyinhlawulo yezono zethu, kungengezethu zodwa, kodwa nezono zezwe lonke.


Ngokuba kwakumfanele yena, okukhona konke ngenxa yakhe, nezikhona ngaye zonke izinto, lapho eletha amadodana amaningi enkazimulweni, aphelelise ngezinhlupheko umbusi wensindiso yawo.


Njengokuba uBaba uyangazi, nami ngiyamazi uBaba, futhi ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu.


Wasuswa etilongweni nasekwahlulelweni; futhi ngubani ongamemezela ubulili bakhe? ngoba waqunywa elizweni labaphilayo; ngenxa yesiphambeko sabantu bami washaywa.


Kodwa yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sokuthula kwethu sasiphezu kwakhe; nangemivimbo yakhe siphilisiwe thina.


Akekho kubo ongahlenga umfowabo nhlobo futhi angamniki uNkulunkulu isihlengo ngaye.


UJesu wathi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke; kodwa iNdodana yomuntu kayilalapho engaqamelisa khona ikhanda.


Ngemva kwalokho waba lesihawu kuye, wathi: “Mkhulule ekwehleleni egodini; ngithole inhlawulo.”


Njalo loba ngubani ofuna ukuba ngowokuqala phakathi kwenu kabe yinceku yenu;


Ngokuba neNdodana yomuntu ayizanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.


ijongosi elilodwa ithole lenkomo, inqama eyodwa, iwundlu lemvu elimnyaka munye kube ngumnikelo wokutshiswa;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite