Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 19:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? akakho omuhle, munye kuphela, okunguNkulunkulu; kepha uma uthanda ukungena ekuphileni, gcina imiyalo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Wathi kuye: “Ungibuzelani ngokuhle na? Munye ongomuhle. Kepha uma uthanda ukungena ekuphileni, gcina imiyalelo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Wathi kuye: “Ungibuzelani ngokuhle na? Munye kuphela omuhle, kodwa uma uthanda ukungena ekuphileni, gcina imiyalelo.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? akakho omuhle, munye kuphela, okunguNkulunkulu; kepha uma uthanda ukungena ekuphileni, gcina imiyalo.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 19:17
14 Referans Kwoze  

Ngakho anogcina izimiso zami nezahlulelo zami; uma umuntu ekwenza lokhu, makahlale kulo; nginguJehova.


Ngokuba uMose ubhala ukulunga okungokomthetho, ukuthi umuntu ozenzayo lezo zinto uyakuphila ngazo.


Akakho onjengoJehova, ngokuba akakho omunye ngaphandle kwakho, futhi alikho idwala elinjengoNkulunkulu wethu.


Thina siyalwazi, sakholwa wuthando uNkulunkulu analo kithina. UNkulunkulu uluthando; futhi ohlala othandweni uhlala kuNkulunkulu, noNkulunkulu kuye.


Kepha abantwana bangihlubuka, abahambanga ngezimiso zami, abagcinanga izahlulelo zami ukwenza lokhu, okuthi, uma umuntu ekwenza lokhu, aphile ngazo; bawona amasabatha ami; ngase ngithi: Ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwabo, ukuze intukuthelo yami iphumele phezu kwabo ehlane.


ufakaze ngokumelene nabo, ukuze ubabuyisele emthethweni wakho; nokho benza ngokuzidla, kabayilalelanga imiyalo yakho, kepha bona ezimisweni zakho (othi uma umuntu ezenza, aphile kuzo), benza lukhuni ihlombe nentamo yabo, kabezwa.


Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.


Kumholi wokuhlabelela, uMaskili, ihubo likaDavide, lapho uDowegi wakwa-Edomi efika, wamtshela uSawule, wathi kuye: “UDavide ufikile endlini ka-Ahimeleki. Ubuhle bukaNkulunkulu buyaqhubeka.


Wena umuhle futhi wenza okuhle; ngifundise izimiso zakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite