Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 16:18 - Contemporary Zulu Bible 2024

18 Nami ngithi kuwe: Wena unguPetru, phezu kwalelidwala ngiyakulakha ibandla lami; futhi amasango esihogo ngeke alinqobe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Nami-ke ngithi kuwe: Wena unguPetru; phezu kwaleli dwala ngiyakulakha ibandla lami; amasango eHayidese* awayikulahlula.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 Nami-ke ngithi kuwe: Wena unguPhethro; phezu kwaleli dwala ngiyakulakha ibandla lami; amasango eHayidese awayukulahlula.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

18 Nami ngithi kuwe: Wena unguPetru, phezu kwalelidwala ngiyakulakha ibandla lami; futhi amasango esihogo ngeke alinqobe.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 16:18
42 Referans Kwoze  

Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngibeka eSiyoni itshe, itshe elivivinyiwe, itshe legumbi elinqabileyo, isisekelo esiqinile; okholwayo akayikuxhamazela.


Futhi yona iyinhloko yomzimba, ibandla, eyisiqalo, izibulo kwabafileyo; ukuze ibe ngeyokuqala ezintweni zonke.


Yamletha kuJesu. UJesu embuka wathi: “Wena unguSimoni kaJona;


Ngakho-ke njengoba semukela umbuso ongenakuzanyazanyiswa, masibe nomusa esingakhonza ngawo uNkulunkulu ngokwamukelekayo ngokuhlonipha nokwesaba uNkulunkulu.


Bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.


Kepha uma ngilibala, ukuze wazi ukuthi kufanele ukuziphatha kanjani endlini kaNkulunkulu, eyibandla likaNkulunkulu ophilayo, insika nesisekelo seqiniso.


Asikho isikhali esenzelwa wena esiyophumelela; nalo lonke ulimi olukuvukelayo ekwahluleleni kumelwe ululahle. Leli yifa lezinceku zikaJehova, nokulunga kwazo okuvela kimi,” usho uJehova.


Le yimfihlakalo enkulu, kepha ngikhuluma ngoKristu nebandla.


ukuze khathesi kwababusi lamandla embusweni wezulu kwaziwe ngebandla ukuhlakanipha kukaNkulunkulu okunengi okwehlukeneyo;


Ukuhlakanipha kuphakeme kunesiwula; asiwuvuli umlomo waso esangweni.


Amasango okufa uwavulelwe na? Uke wayibona iminyango yethunzi lokufa na?


Ugange lomuzi lwalunezisekelo eziyishumi nambili, nakuzo amagama abaphostoli abayishumi nambili beWundlu.


Kodwa uSawuli wayevumelana lokubulawa kwakhe. Ngaleso sikhathi kwaba khona ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya, kwasala abaphostoli.


Yiba nomusa kimi, Jehova; bheka usizi lwami engihlupheka ngalo kwabangizondayo, wena ongiphakamisa emasangweni okufa.


(Ngokuba uma umuntu engakwazi ukuphatha owakhe umuzi, angaliphatha kanjani ibandla likaNkulunkulu na?)


Kwathi oJakobe, noKhefase, noJohane, ababebonakala beyizinsika, bebona umusa engiwuphiweyo, banika mina noBarnaba isandla sokunene sokuhlangana; ukuze siye kwabezizwe, bona baye kwabasokile.


Uma engasezwa, tshela ibandla;


Nawe Kapernawume, ophakanyiselwe ezulwini, uyakwehliselwa esihogweni, ngokuba uma yayenziwe eSodoma imisebenzi yamandla eyenziwe kuwe, ngabe isekhona nanamuhla.


Amagama abaphostoli abayishumi nambili yilawa; owokuqala nguSimoni othiwa uPetro, loAndreya umfowabo; uJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo;


Abahlezi esangweni bakhuluma ngami; mina ngangiyingoma yezidakwa.


Ngiyakukubusisa, ngandise inzalo yakho njengezinkanyezi zezulu nanjengetshebetshebe esisogwini lolwandle; nenzalo yakho iyodla ifa lesango lezitha zayo;


Ingelosi yesikhombisa yayisibetha; kwase kuba khona amazwi amakhulu ezulwini, athi: Imibuso yalelizwe isibe imibuso yeNkosi yethu, lekaKristu wayo; futhi iyakubusa kuze kube phakade naphakade.


Kufa, luphi udosi lwakho na? Thuna, kuphi ukunqoba kwakho na?


Ngathi ekujuleni kwezinsuku zami: Ngizakuya emasangweni eHayidese; ngiphangiwe insali yeminyaka yami.


nanjengomoya wokwahlulela kohlezi ekwahluleleni, nanjengezikhwepha kwabaletha impi esangweni.


Umphefumulo wabo wenyanya inyama yonke; basebesondela emasangweni okufa.


Inkosi yasisithi kubo: Ngizakwenza lokho elikubona kuhle. Inkosi yema esangweni, bonke abantu baphuma ngamakhulu nangezinkulungwane.


Uyajabula umuntu onomgodla wakhe ogcwele kubo; abayikuma benamahloni, kepha bayokhuluma nezitha esangweni.


Bangicindezela kaningi kwasebusheni bami, kepha abazange banginqobe.


Ngehlela phansi kwezintaba; umhlaba nemigoqo yawo wawungizungeza kuze kube phakade; Nokho ukuphakamisile ukuphila kwami ekonakaleni, Jehova Nkulunkulu wami.


UJesu ehamba ngaselwandle lwaseGalile wabona izelamani ezimbili, uSimoni othiwa uPetru, no-Andreya umfowabo, bephonsa inetha olwandle, ngokuba babengabadobi.


Ngakho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala;


Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeke kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe ngababonisi bokwelusa ibandla likaNkulunkulu azithengele lona ngegazi lakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite